Uqokwe njengomholi wenhlangano yentsha e-Afrika owaseMgungundlovu

2016-12-14 06:01
PHOTO:supplied Ithimba eliphezulu lenhlangano yentsha i-Yodesa eliholwa uMthobisi Mkhize.

PHOTO:supplied Ithimba eliphezulu lenhlangano yentsha i-Yodesa eliholwa uMthobisi Mkhize.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMSUNGULI wenhlangano yentsha uMvithi Youth Development uMthobisi Mkhize (35), waseMpendle useqokwe njengomengameli wenhlangano yentsha i-Youth Development Southern Africa (Yodesa) ezinze eBotswana.

UMkhize uqokelwe kulesikhundla ngenyanga kaSeptember kulonyaka yintsha evela emazweni angamashumi nanhlanu okubalwa i-South Africa, Angola, Botswana, Lesotho, Madagascar, Malawi, Mauritius, Mozambique, Namibia, Seychelles, South Africa, Swaziland, Tanzania, Zambia, kanye neZimbabwe ngaphansi kwenhlangano yamazwe aseAfrica i-Sadc. UMkhize ukhethwe ngenxa yamagalelo akhe kanye namava anawo ekuthuthukiswe kwentsha kanye nothando lokufukula intsha yasemakhaya. Uqokelwe kwesobumongameli emuva kokuba lentsha ihlangene kwinkomfa yayo ebingo Meyi nonyaka.

UMkhize wasungulu Umvithi Youth Development ngonyaka ka 2010 okwathi ngokuhamba kwesikhathi washintsha wabizwa ngele Rural Youth Development Foundation South Africa, ngenxa yokuthi ibisingenelele kwintsha engaphandle kwesifundazwe saKwaZulu Natal. UMkhize utshele leliphephandaba ukuthi ukuqokwa kwakhe kufana nephupho.

“Ngasungula Umvithi Youth Development, ngiqhutshwa uthando lokufukula intsha yasemakhaya, ngiyiphe ulwazi enginalo engalusebenzisa ukuze izithuthukise. Lokhu kujikile kwafana nomlilo wequbula ngenkathi engikwenzayo kubungazwa yilabo abasemandleni, base bebona kufanele ukuthi bawuphakamise Umvithi Youth Development ngokuwulekelela. Ngibonga kakhulu uMgungundlovu District, umasipala waseMpendle lapho ngidabuka khona kanye nehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, abangifukula kakhulu ukuthi ngifeze iphupho lami lokusebenza ngentsha.”

Uthe uqhubekile wamenywa izinhlaka zikahulumeni, kanye nezinhlangano ezizimele e-Africa, zimunxenxa ukuthi abhale amaphepha ocwaningo ngezindlela ezingasetshenziswa ukuthuthukisa intsha ikakhulukazi ehlala ezindaweni zasemakhaya. Lokhu kumenywa kwizinkomfa nasemicimbini ephezulu kumenze wagqugquzeleka ukuzibandakanya ocwaningweni olunzulu lokuthola izindlela ezingapheleli emoyeni zokuthuthukisa intsha.

“Sengikuthatha njengento ekumina, futhi engiyizwa kahle. Ngike ngakhethwa nasehhovisi likamongameli wase Melika uBarrak Obama, ukuthi ngibe yingxenye yohlelo lokufukula abaholi base Africa abasebasha, loko kube nomthelela wokuthi ngigcine sengikhethwa njengomongameli we-Yodesa kwi Sadc.”

UMkhize uphinde aziwe kakhulu ngezindondo azisungula ngonyaka ka 2011 ama-KZN Young Achievers Awards, ekade enzeka okwesithupha kulonyaka. Lomcimbi ohanjelwa abaholi abaphezulu kuhulumeni minyaka yonke kanti kulonyaka lomcimbi obuseBlue Waters Hotel eThekwini ubuhanjelwe osaziwayo abafana noMinnie Dlamini, Khuzani “Indlamlenze” Mpungose, uLee M Ka Gcugcwa, uDelisile Malinga owaduma kuGenerations edlala indawo kaSarah kanye nabanye abaningi.

UMkhize uthe phakathi kwezinto ezamgqugquzela ukuthi aphokophelele phambili ekusizeni intsha ukuqokwa kwakhe kuma SA Youth Awards asungulwa yi National Youth Development Agency (NYDA). “Noma ngingawudlanga umhlanganiso kodwa ukutonyulwa kwegama lami ngingazelele kwangenza ngaba nomdladla emsebenzini wami wokuthuthukisa intsha. Njengoba esezobhekana nomsebenzi wokusiza intsha eqhamuka emazweni ayi 15 e-Sadc uthe lokho kumunika intshisekelo enkulu, ngoba useyaluqonda ubizo lwakhe lwasemhlabeni.”

Uthe phakathi kwezinto azozenza ukulwela ukuba ikhono lakhe nothando lwakhe lokusebenza nentsha lugqame ngazo zonke izindlelo.

“I-Yodesa izovula ngendumezulu yomhlangano wezinsuku ezintathu ozobanjelwa eMadagascar ngoJanuary ka 2017 nalapho uzobe ethula ngokusemthethweni ithimba lakhe azosebenza nalo. Kuzoba nomsebenzi omningi, kodwa njengomuntu okholelwa kakhulu kuNkulunkulu nokholelwa ekutheni nguye owenze konke lokhu uzodala amasu, okufukula mina nethimba lami le Yodesa likwazi ukufinyelela ezimpilweni zabantu abasha abasemazweni ase Africa.”

Ithimba eliphezulu azosebenzisana nalo uthe lihlanganisa uClive Gahadza waseZimbabwe, uDkt Lerato Mambulu wase Malawi, uLimbo Ross waseNamibia, uMosili Mokalo wase Lesotho, uSeheno Voldomboahangy waseMadagascar, kanye noSean Fourmacou waseMauritius.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.