URamaphosa ugqugquzele i-ANC eDambuza ukuthi izilungiselele inkomfa yenqubomgomo yeqembu

2017-06-28 06:01
Iphini likaMongameli wezwe, uCyril Ramaphosa evakashele umndeni kaNgqongqoshe wezeMfundo yamabanga aPhakeme uBlade Nzimande ngeledlule ukuzodlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kuka Mama uNzimande, unina kangqongqoshe.Isithombe: MAKHOSANDILE ZULU

Iphini likaMongameli wezwe, uCyril Ramaphosa evakashele umndeni kaNgqongqoshe wezeMfundo yamabanga aPhakeme uBlade Nzimande ngeledlule ukuzodlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kuka Mama uNzimande, unina kangqongqoshe.Isithombe: MAKHOSANDILE ZULU

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IPHINI likaMongameli wezwe, uCyril Ramapahosa, ophinde abe ngusekela mongameli weqembu likaKhongolose, uvakashele umndeni kaNgqongqoshe wezeMfundo yamabanga aPhakeme uDkt Blade Nzimande ngoLwesine oledlule ukuzodlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kuka nina kaNzimande uNozipho Nzimande.

Umama Nzimande udlule emhlabeni ngeSonto ngomhlaka 11 kuJuni kanti ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngempelasonto.

Efika kwaNzimande eDambuza, Edendale, uRamaphosa wamukelwe yisixuku sabalandeli beqembu le-ANC abanye abekade begqoke amakepisi nezikibha ezinombhalo ophakamisa ukweseka umkhankaso wakhe wokuba ngumongameli weqembu njengoba kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bukazwelonke ezoba ngoDisemba.

Ekhuluma nabalandeni beqembu emagcekeni aKwaNzimande, uRamaphosa uthe: “Kuyangijabulisa ukubona ukuthi i-ANC iyaweseka umndeni wakwaNzimande, ngiyazi ukuthi i-Dambuza ikhaya le-ANC. Nani abanye senginibona nifake amanye amakepisi anemibhalo ethi #CR17, angazi ukuthi niwathola kuphi, ngifuna ukuthi ningikhombise lesisitolo la eniwathola khona,” kusho yena.

Uthe kumele amalungu e-ANC aqikelele ukuthi amagatsha eqembu aqinile futhi ami ngomumo njengoba kuza inkomfa yenqubomgomo kuyona le nyanga kaJuni.

“Uma sesikwinkomfa yenqubomgomo sifuna ukuzwa igatsha laseDambuza libeka iziphakamiso ezizoletha inguquko, sifuna ukuthi izithunywa zenu uma zikhuluma lapha sizizwe zikhuluma into ehlakaniphile. Emva kwalokho siya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bukazwelonke ngoDisemba,” kusho uRamaphosa.

Uthe ungqongqoshe umxoxele ngomlando we-ANC endaweni yaseDambuza nokuthi iningi labantu abasungula leliqembu baqhamuka khona.

“Ukufika kwami la, u-comrade Blade ubesengitshela ngomlando walendawo ukuthi kahle kahle abantu abaqamba i-ANC ngo-1912 abaningi babo baphuma khona la. Kusho ke ukuthi lendawo iyona ikhaya le-ANC, i-ANC ihlala la, izalwa la, iphila la, ihamba la,” kusho uRamaphosa.

Usekela mongameli we-ANC uthe wafonelwa watshelwa nguyena ungqongqoshe uNzimande ngokudlula emhlabeni kukanina.

“Ngathuka ngathi engabe ufuna ukungitshelani u-comrade Blade, mhlawumpe ufuna ukungitshela ukuthi ukhushulelwe esikhundleni esiphezulu kodwa ngazi ubuza ukuthi ngesiphi esinye isikhundla angakhushulelwa kusona njengoba esenguNgqongqoshe wezeMfundo yamabanga aPhakeme vele.

Ngathuka futhi ngazitshela ukuthi mhlawumpe bayamkhipha, ngathi mhlampe sekwenziwe olunye ushintsho kwiKhabinethi kodwa wayefuna ukungitshela ngendaba ebuhlungu kakhulu ukuthi umama usishiyile,” kusho yena.

Uqhube wathi ukuzwa ngokudlula emhlabeni kuka Mama uNzimande kumshiye nenhliziyo ebuhlungu ngoba ngesikhathi kugujwa usuku lokuzalwa lwakhe unina kaNzimande akaphumelelanga emcimbini.

“Ngangifisa ukufika la eDambuza ukuze ngizombona lomama, lomama owasizalela inkokheli u-comrade Blade, inkokheli ekhuluma kakhulu, ngangifisa ukubona ugogo ukuze ngizombuza ukuthi wayemncelisa luphi ubisi u-Blade kodwa ngeshwa angilitholanga ithuba lokuthi ngize kwimigubho yosuku lokuzalwa kwakhe,” kusho uRamaphosa encokola.

Uqhube wathi ungqongqoshe umtshele ukuthi uMama Nzimande ubeyilungu eliqavile le-ANC endaweni yaseDambuza.

“Ngithe ngikhuluma nomndeni ngabatshela ukuthi ngilethe namazwi enduduzo aqhamuka kwi-ANC, ukuthi kwi-ANC izinhliziyo zethu zibuhlungu kodwa futhi siyabungaza, sibungaza impilo kamama ukuthi ubeyiqhawe ngempela, eyilungu le-ANC ngokuphelele yingakho sithi ifulegi le-ANC belihlezi lisenhlizweni yakhe futhi uzoncwatshwa nalo, iyona into esijabulisa kakhulu,” kusho uRamaphosa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.