Usale emanxebanxeba olunywe ingulube

2016-10-19 06:00

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UYAVEVA umndeni womfanyana oneminyaka engu 12 ubudala wakwaNyamazane ohlaselwe yingulube ngoLwesihlanu olwedlule yamlimaza kanzima.

Unina kaNtethelelo Zimu olimale kulesigameko uThandazile Ntuli utshele i-Maritzburg Echo ukuthi angeke kulimale ingane yakhe bese kuthuleka engathi akwenzekanga lutho. Uthe uthole ucingo ngoLwesihlanu emini esemsebenzini lumazisa ngokulimala kwendodana yakhe.

“Ngiphuthume ekhaya ngafica ingane inamanxeba emzimbeni wonke ingakwazi kwenzalutho sabe sesiyiphuthumisa esibhedlela ngoba yayopha kakhulu.”

Uthe sebebuya esibhedlela bazamile ukuxhumana nomnikazi wazo izingulube kodwa bangaphumelela.

“Sathi uma sesibuya esibhedlela simthinta ngocingo ukuze sizodingida udaba lokulimala kwengane wathi ngeke akwazi ukukhuluma nathi ngoba usadle amanzi ancizayo.”

Uthi wathembisa ukuthi nakanjani ngoMgqibelo uzofika ezobona ukuthi ingane ilimele kangakanani.

“NgoMgqibelo sesimfonela washiya angalazi ethi ayikho into azoyikhuluma nathi yena. Sabikela ikhansela lazama ukumthinta ngocingo kodwa nalo walithuka.”

UNtuli uthe okubuhlungu ukuthi indodana yakhe ilimale kade izihambela.

“Ibingadlali ngisho kude nasekhaya, ngabe ngiyezwa ukuthi ilimale ngakwakhe kodwa ilimalele ngasekhaya. Lezingulube zigcaluza yonke indawo umnikazi wazo uyahluleka ukuzigada.”

Uthe indodana yakhe yasizwa ukuthi kuqhamuke amalunga omphakathi abe eseyishaya ingulube.

“Babehamba ephaseji kanti kuzoqhamuka lengulube, abangani bakhe bakwazi ukuthi babaleke yena wawa nokuyilapho yamhlasela khona. Abamfica elele odakeni lapho ayelimalele khona bathi wayesephelelwa amandla edabuke umzimba wonke nasezinyaweni ekhala ngobuhlungu.”

Uthe kumanje uNtethelelo uhamba umtholampilo njengoba kufanele ashintshwe amabhandishi nsukuzonke.

“Asikwazi ukumshintsha thina amabhadishi ngoba emtholampilo bathi izilonda zakhe zibucayi kakhulu.

“Kufanele njalo aye emtholampilo ayoshintshwa ngoba abakwazanga ukuwatisha amanxeba akhe.”

UNtuli uthe uvule icala emaphoyiseni ase-Alexandra kodwa umphenyi wabuye wazama ukumphoqa ukuthi alesule.

“Okungiphatha kabi ukuthi umphenyi uthi angisule icala ngiyoxoxisana nomnikazi wengulube, ngingalisula kanjani icala ngilinyalelwe ingane nomnikazi wesilwane engafuni ukuxoxisana nami,” kusho yena.

Leliphephandaba lithole ukuthi akusona isigameko sokuqala somuntu ohlaselwe yingulube kulendawo.

“Ukhona nomunye oke wangeniswa esibhedlela emuva kokuhlaselwa ingulube yakhe lomuntu.

“Lezingulube zicekela phansi impahla, uma ubiyile zigubha umgodi zibulale ucingo. Asisakwazi kushiya lutho emnyango ngoba sibuya kungasekho ngenxa yazo lezingulube.”

Umnikazi wezingulube uSeh Majozi uthe ukhulumile nogogo wengane wathembisa ukuthi kuzohlelwa umhlangano babonane.

“Kuyiphutha ukuthi ngiyabaleka, ngizamile ukumfonela ugogo wengane wathi uzobuye abuyele kumina asho ukuthi singabonana nini.

“Mina ngizimisele ukuhlangana nabo ngixolise ngomonakalo owenziwe isilwane sami, angeke ngibaleke kube kunengane elimele,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/Sport
 

Chocolate can be fatal for dogs

Chocolate contains a substance called theobromine that is similar to caffeine and is toxic to dogs at certain levels.

 
 

Paws

Spider-man star's adorable relationship with his dog
Do you know what you are feeding your dog?
Watch: Proof animals have souls
Would you clone your pet?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.