Usedla ejeqeza uCollins Mbesuma

2016-03-23 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE Umgadli weMpumalanga Black Aces uCollins Mbesuma uzihola phambili ngamagoli kwi-ligi.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Umgadli weMpumalanga Black Aces uCollins Mbesuma uzihola phambili ngamagoli kwi-ligi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMGADLI weMpumalanga Black Aces ongalibheki ipali nongazwile kulezi sizinsuku uCollins Mbesuma udlala ejeqeza noma usehlale eqalaza phezu kwamagxalaba akhe.

Phela lesi babuli somgadli esizalwa eZambia saqala le sizini esikuyona ngomkhulu umfutho ewaqobela amagoli ubusuku nemini.Nasohleni lwabaqobela amagoli uke wahlala phezulu eziqengqelezela yedwa futhi kungakholakali ukuthi kukhona umdlali ongamfica ngesibalo samanqaku aseshayiwe. Kumanjenje lo mdlali useshaye amagoli ayishumi nantathu (13) kanti emva kwakhe uselandelwa uPrince Nxumalo ngamagoli ayishumi naye (11).

Umqeqeshi we-Aces uMuhsin Ertugral uthi yena usathemba ukuthi lo mdlali angawudla umhlanganiso njemqobeli odlulele kwiPSL wathi kodwa okubalulekile ukudlala kahle kweqembu.

“Angisoli lutho, uCollins usefomini, uma ewudla umhlanganiso kuyoba ibhonasi. Kodwa-ke bakwethu asikhulume iqiniso la. Umcimbi noma okubalulekile ukuthi iqembu lidlale lahle futhi liqede limi kahle kwiligi. Akuyena uCollins Mbesuma obalukile kodwa simfisela inhlanhla njengomdlali wethu. Yena angawudla umhlanganiso ekupheleni kwesisizini,” kusho u-Ertugral.

Kanti uMbesuma yena uthe uzozama ngayoyonke indlela ukuhlala phezulu njengomqobeli wamagoli osemgangathweni. Naye ubuye asho ukuthi isizini ayikho ngaye kuphela kodwa iqembu kufanele lihlale libekwe phambili.

“Mina ngiyajabula ukuthi ngisawashaya amagoli, kodwa akufanele ngikhohlwe ukuthi ukwenza kweqembu lami okubalulekile.”

Kanti uluhla labaqobeli magoli kwiPSL belumi kanje ngaphambi kokuba siyoshicelela:

Collins Mbesuma, Black Aces - 13

Prince Nxumalo, Ajax Cape Town - 11

Khama Billiat, Mamelodi Sundowns- 9

Thobani Mncwango, Polokwane City - 9

Jeremy Brockie, SuperSport -9

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.