Ushaya ngonyawo phansi uMashaba

2016-03-23 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE  Unozinti weKaizer Chiefs uTumeleng Khune omunye wabadlali ukukhethwa kwabo okukhalisile njengoba phele bengadlali emaqenjini abo ngezizathu ezifana nokulimala nokweqiwa yijezi.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Unozinti weKaizer Chiefs uTumeleng Khune omunye wabadlali ukukhethwa kwabo okukhalisile njengoba phele bengadlali emaqenjini abo ngezizathu ezifana nokulimala nokweqiwa yijezi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMQEQESHI weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba ushaya phansi ngonyawo uthi ayikho ngisho encane into eyiphutha ngesikwata asanda kusimemezala ukulungiselela umdlalo wokuhlungeka i-Afcon ka-2017 neCameroon kule nyanga.

Le midlali izobanjelwa eGabon ngonyaka ozayo. Phela kuzokhumbuleka ukuthi leli zwe laqokelwa ukusingatha le midlalo emva kokubaLibya ihoxile ngenxa yezimpi ezilokhu ziqhubekile.

Leli zwe (iGabon) lizosebenzisa izinkundla ezine ukusingatha lo mqhudelwano ozoletha amazwe noma amaqembu ayishumi nesithupha (16).

UMashaba usanda kuqoka abadlali abangamashumi amabili nanhlanu (25) kanti uzishaya isifuba ukuthi abakhethile bazowenza umsebenzi futhi basemgangathweni nasefomini.

Noma-ke uMashaba eke wathi ukuthola ukugxekwa nemibuzo kubabhali bezindaba, kodwa yena uthi iqembu libukeka limi kahle futhi libhalansile ndawozonke.

Iqembu laseMzansi, iBafana Bafana phela izodlala nama Indomitable Lions zingu-26 kuMarch eStade Omnisport de Limbe in Limbe ekuhambeni eCameroon. Kanti lo mdlalo ubhekeke ukuthi uqale ligamenxe elesine (16.30- SA time).

Umlenze wesibili walo mdlalo uzoba seMdubane, eThekwini phela, enkundleni iMoses Mabhida zingu-29 March ngehora lesikhombisa (7pm).

UMashaba uthi le midlalo ibaluleke kakhulu eqenjini kanye nasezweni laseMzansi ngoba ichaza lukhulu.

“Cishe ukuthi le midlalo yomibili ibaluleke kakhulu, kahle kahle ichaza ukufa nokuphila emkhankasweni wethu. Uma sizimesele ukuhlala sisemkhankasweni walo mqudelwano kufuneka siwine noma yikanjani,” kusho uMashaba.

Lo mqeqeshi uthi okunye okuthe ukumphazamisa nokuhlale kuyinkinga enkulu abadlali abaningi akade ebafisa ukuthi babe seqenjini balimele noma abadlali njalo emaqenjini abo.

“Angisho ukuthi ngibeka izaba ngaphambi komdlalo kodwa lesi simo sinzima futhi sihlale siqhamuka uma kuzoqokwa iqembu lesizwe. Kodwa-ke mina angikhali, leli qembu engilikhethile liqinile.”

Kanti iqembu selilonke limi kanje:

Goalkeepers: Itumeleng Khune, Jackson Mabokgwane, noDarren Keet

Defenders: Siyabonga Nhlapo, Asavela Mbekile, Anele Ngcongca, Thabo Matlaba, Cheslyn Jampies, Eric Mathoho, Sifiso Hlanti, Rivaldo Coetzee noThulani Hlatshwayo

Midfielders: Andile Jali, Kamohelo Mokotjo, Thulani Serero, Themba Zwane, William Twala, Jabulani Shongwe, Mpho Makola, Mandla Masango, Hlompho Kekana

Strikers: Thamsanqa Gabuza, Prince Nxumalo, Tokelo Rantie noDino Ndlovu

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.