Usungule isikhungo sokumodela owaseGrange

2017-05-31 06:01
ISITHOMBE:sITHUNYELWEUMfundo Sibisi (kwesokunxele) kanye nenye yezintokazi ezingaphansi kwesikhungo sakhe uSnethemba Ngubo.

ISITHOMBE:sITHUNYELWEUMfundo Sibisi (kwesokunxele) kanye nenye yezintokazi ezingaphansi kwesikhungo sakhe uSnethemba Ngubo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUNGABI nemali yokuphothula izifundo zakhe ze-Photography akuzange kuyiqede umdlandla insizwa esencane yaseMgungundlovu esivule isikhungo sokucija izimomondiya kwezokumodela.

UMfundo Sibisi (20) waseGrange usungule i-MS modelling agency ngonyaka ka 2015 ngesikhathi esenza izifundo zakhe ze-Photography eDurban University of Technology.

“Ngikhule ngiyithanda into ehlangene nokumodela kwabesifazane ngoba bengikholelwa kakhulu ekutheni kunendlela yakho yokugqugquzela ukuziphatha futhi kunyusa nokuzethemba kubona. Ngiqale ukulandela ezokumodela ngisafunda esikoleni samabanga aphezulu iSukuma eMbali. Bengithi njalo uma ngihambele imincintiswano yonobuhle ngithatheke indlela izintokazi ebezenza ngayo.Ngithe uma ngisenza izifundo zami ngabona kukuhle ukuthi ngisungule lesikhungo.”

USibisi uthi kuthe uma eseshodelwa amasenti okuphothula izifundo zakhe waphoqeleka ukuthi abuyele ekhaya eMgungundlovu.

“Isikhungo bese sizakhele udumo eThekwini, akubanga lula ngesikhathi ngibuya ngiza lapha eMgungundlovu ngoba bekufanele ngiqale yonke into phansi. Ngibone kungcono ngiqhubeke naso isikhungo kunokuthi ngihlale ekhaya ngingenzi lutho.”

Yize lensizwa ingakaze yona ingene kwezokumodela phambilini ithi isizinikeze isikhathi esanele ukufunda nokucubungula kabanzi lomkhakha.

“Ngizinika isikhathi ngicubungule konke okwenzeka kulomkhakha ngiphinde ngifunde izindlela zokukhulisa ibhizinisi lami ngokubuka ama-video ku YouTube ngibuye ngibe yingxenye yezifundo ezahlukene ezigxile kuwona lomkhakha wezokumodela.”

USibisi uthe lesikhungo sakhe sibhekelele kakhulu ukuqeqesha abantu abangakaze bamodela phambilini.

“Benginombono wokuthi ngicije lamantombazane angakaze amodela phambilini. Okukhulu ukuthi bengifuna ukuvulela nabanye abantu abasha abakulomkhakha amathuba emisebenzi ukuze nabo bezobeka isinkwa etafuleni.”

I-MS modelling agency kumanje inezintokazi ezisayinde ngaphansi kwayo ezingu 18 ezineminyaka engu 14 kuya ku 24.

Uma unesifiso sokuba yingxenye yalesikhungo ungaxhumana noMfundo Sibisi ku 074 808 0563 okanye uvakashele ikhasi labo likaFacebook ku MS modelling agency SA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.