Uthembisa lukhulu umqeqeshi woSuthu ngo 2016

2016-01-13 06:00
ISITHOMBE: gALLO IMAGES Umqeqeshi wamaZulu u Steve Barker uthembisa lukhulu kulo nyaka.

ISITHOMBE: gALLO IMAGES Umqeqeshi wamaZulu u Steve Barker uthembisa lukhulu kulo nyaka.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMQEQESHI waMaZulu uSteve Barker uthi uzozama ngayoyonke indlela ukuvika izembe enyakeni omusha. Phela lo mqeqeshi ubekhuluma osukwini lokuqala lo nyaka omusha u2016 ngamapulani akhe.

UBarker uthi impilo inzima ehlathini, kwiNFD ngoba cishe wonke amaqembu alapha adlalela ukubuyela kwiPSL. “Akekho othanda ukudlala kwiNFD ngezizathu eziningi futhi noMzansi wonke uyazi. Kunzima lapha futhi akunikezwana ithuba lokuphefumula enkundleni. Phela nawe uvele uzibonele ukuthi wonke umuntu uphantela ukubuyela ezweni elinoju nobisi, kwiPSL,”kusho uBarker.

Lo mqeqeshi uthi into ahlale eyicabanga ubusuku nemini, ikakhulukazi njengoba unyaka uqala, ukuvika izembe ngayoyonke indlela. “Ayikho into engihlupha emoyeni njengokubona iqembu elikhulu kangaka nelithandwa uMzansi wonke, ikakhulukazi eKZN lidlala le phansi ehlathini (NFD). Ngizimisele ngokulwa ukuze sibuyele kwiPSL ngobe phela umlando uzohlala uthi uSuthu lwaya phansi kwiNFD luqeqeshwa yimina, yingakho ngithi ngifisa ukuzibona ngibuyisela lekilabhu lapho kufanele ibe khona,” kusho uBarker.

UBarker uthi unyaka ka2016 kufanele kube unyaka omuhle nowezinhlanhla eqenjini nasebalandelini baMaZulu.

Lomqeqeshi uze asho angananazi ukuthi leliqembu lingabuyela kwiPSL ngonyaka ozayo. “Angeke kube lula kodwa uma singalwa njengesosha elilwela izwe lalo futhi silwele ukufa nokuphila, leli qembu lingabuyela kwiPSL noma lishaye kwasani.”

Okwamanje leli qembu laseMdubane lisalele isikhombisa kwiligi. Usuthu seluqoqe amaphuzu awu 19 emva kwemidlalo eyishumi nantathu (13).

UBarker uthi amasosha akhe kuzofanele aqalaze ngokunye futhi atshengise ukuthi azimisele ukwenzani uma sebedlala neBaroka ngoMgqiibelo ( January 9) e-Old Peter Mokaba Stadium.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.