Utholwe ebulewe umhlengikazi obezoshada

2017-08-30 06:02

USASHAQEKILE umphakathi wase-Edendale ngemuva kokubulawa komhlengikazi ngosuku olwandulela umshado wakhe.

UNompumelelo Ngubane nobengumhlengikazi wasesibhedlela i-Edendale utholwe eseshonile emotweni yakhe ngoLwesihlanu olwedlule ntambama kade kufanele ukuba abophe ifindo likasofa silahlane nowakwakhe eGolden Horse Casino ngoMgqibelo.

Ngokuthola komthombo we-Maritzburg Echo uNgubane ubehambe engumuntu oyokwenza ikhanda ngoLwesihlanu elungisela usuku lwakhe olukhulu ezodlula alande nengubo yakhe yomshado esitolo esithungisa izingubo edolobheni.

“Utholwe emotweni yakhe KwaPata eklinywe ngebhande emqaleni esevele eseshonile.

Akwaziwa ukuthi uklinywe ubani njengoba kade ehamba yedwa,” kusho umthombo.

Lomthombo uthi basashaqekile njengoba uNgubane kade ezithwele ingane yakhe nalowo obezoba umkhwenyana wakhe.

Uphinde waveza ukuthi uNgubane ubethola imiqhafazo ku-Whatsapp imusabisa ngokuthi akangaqhubeki nomshado waze wathola nencwadi esho okufanayo ukuthi akangaqhubeki nomshado.

“UMpume ubezoshadela esithenjini njengoba indoda yakhe isivele inomunye uNkosikazi.

Abantu abaningi bebengaweseki lomshado ngemuva kwemiqhafazo esabisayo kodwa uMpume uyena obewuphoqelela ukuba uqhubeke,” kubeka umthombo.

Uqhube wathi kuningi okungahlangani ngalesi sigameko kodwa babuhlungu ngendlela uzakwabo abulawe ngayo ngaphambi kosuku lwakhe olukhu-lu.

“Ibuhlungu kakhulu lento eyenzekile into ongeke uyifisele noma ubani.

Bekufanele engabe siyamhalalisela ngomshado wakhe kodwa manje siyakhala ngoba usesishiyile.”

I-Maritzburg Echo ithole ukuthi kugcine kuphelile konke ngomshado ngemuva kokuvela kwalezi zindaba.

Imizamo yokuxhumana namalunga omndeni yonke ibhuntshile, njengoba izingcingo bezingangeni.
Okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer, uKaputeni Musa Ntombela usiqinisekisele isigameko wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane sidindilize emotweni yakhe endaweni yakwaPata ngezikhathi zehora lesikhombisa ntambama ngoLwesihlanu. Umufi ubenezimpawu zokuthi uklinyiwe.

Amaphoyisa abengakabophi muntu kodwa uphenyo luyaqhubeka.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.