Uyazifela nge-Hip Hop owaseMbali

2016-07-13 06:00
PHOTO:SUPPLIED UNkosinathi Ndlela (21) odume ngelika ‘Razor’.

PHOTO:SUPPLIED UNkosinathi Ndlela (21) odume ngelika ‘Razor’.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

WENZA ezibukwayo umculi osemncane waseMgungundlovu we-Hip Hop okulindeleke ukuba akhiphe i-albhamu yakhe entsha ngenyanga ka-Agasti.

UNkosinathi Ndlela (21) odume ngelika ‘Razor’, waseMbali kumanje ugqame nge-single yakhe entsha ethi ‘Choose May’khethela’ edlala mihla namalanga ku Channel O ne Trace kanye nasemisakazweni emikhulu yakuleli.

“Ngingene emculweni ngenxa yothando enginalo ngaloluhlobo lomculo. Umculo into engiyiqale ngisemncane, ngiqale ukubhala ngineminyaka engu 11 kodwa ngize ngaqala ukuqopha ngokusemthethweni ngonyaka ka 2011. Ngaphandle nje kokubhala umculo ngiphinde ngibe u-producer.”

URazor uthe ngonyaka ka 2013 usebenze neqembu le-Big Nuz baqopha ingoma kodwa yagcina ingakhishwanga. “Ngiqophe ne-Big Nuz no Duncan ingoma kodwa ngenxa yezizathu engingazazi yagcina ingaphumanga ukuthi abantu bayizwe.”

Uthe i-video yakhe ishuthwe ngenyanga kaDisemba ngonyaka owedlule, “Abantu bakhombisa ukuyithokozela kakhulu ingoma yami entsha, lokhu kuveza ngokusobala ukuthi asikho esidingo sokuthi uze ube ngumuntu ohlala eGoli ukuze uthole udumo,”

URazor uthe njengomculi osemncane into afisa ukuyiguqula kakhulu ingqondo yabantu mayelana nokuthi kufanele baze bafudukele emadolobheni amakhulu afana neGoli ukuze baphumelele. “Idolobha laseMgungundlovu linethalente eliningi, ngokwenza umculo silapha sizama ukuphendlela nabanye abeza emuva kwethu indlela,” kusho yena.

Uthe kule-albhamu yakhe entsha ezophuma, usebenze nabanye abaculi balapha eMgungundlovu abafana no Tino Mgazi, Young G kanye no Sliceman kanti uthe ididiyelwe uSebenza Murango.

Abathanda ukuthenga i-albhamu bangaxhumana naye ku razor@webmail.co.za kanti izobe itholakala nase Dakota Music. Ngeminye imininingwane ungavakashela ikhasi lakhe lika Facebook Team Razor SA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.