UZazi Mncube uthembisa ulozolo emakhonsathini akhe

2016-03-02 06:00
PHOTO: supplied  Umdlali wesiginci odumile eMgungundlovu namaphethelo uZazi Mncube uthembisa abalandeli bomculo wejazz nomaskandi into ecokeme njengoba ezodlala eHlazeni naseSobantu ngoMgqibelo nangeSonto ngokulandelana. Uzobe ehambisana Bongeka Sokhela (osesithombeni) noMzamo Dlamini.

PHOTO: supplied Umdlali wesiginci odumile eMgungundlovu namaphethelo uZazi Mncube uthembisa abalandeli bomculo wejazz nomaskandi into ecokeme njengoba ezodlala eHlazeni naseSobantu ngoMgqibelo nangeSonto ngokulandelana. Uzobe ehambisana Bongeka Sokhela (osesithombeni) noMzamo Dlamini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UZazi Mncube, umdlali wesiginci sejazz owaziwayo, kulindeleke ukuthi yena neqembu lakhe kanye nabaculi abangaphansi kwenkampani yakhe iZCM Recording Studio bashiyelane inkundla emakhonsathini ababili kule mpelasonto.

NgoMgqibelo uMncube, uBongeka Sokhela noMzamo Dlamini kulindeleke bahlanyise abalandeli bomculo wejazz nomaskandi lapho bedlala eBlue Ice (kwaMthethwa) e-No. 9 eHlanzeni. Le khonsathi izoqala ngo-4 ntamba kuze kulamule izintatha kanti imali yokungena umuntu ngamunye u-R20 nje vo.

Kuzothi ngeSonto laba baculi bakhukhule, balibhekise eBheki’s Tavern (Honolulu) eSobantu lapho bezodlala khona kusuka ngo-12 kuze kuyolamula ubusuku. Imali yokungena kweyaseSobantu u-R30 nje kuphela.

Ekhuluma ne-Echo uMncube uthe impela labo abazohambela la makhonsathi bobuya bedelile yizingoma zabo ezihlabahlosile.

“Noma ikuphi lapho sidlala khona abantu abawuvali umlomo ngobumnandi bomculo esiwudlalayo. Kuyacaca ukuthi abantu bawulambele lo mculo udlalwa bukhoma, ikakhulukazi ijazz.” kusho yena.

La baculi bazophinde badayise amaCD abo kula makhonsathi.

Ngekhonsathi yaseHlanzeni kungashayelwa uSenzo Mkhwanazi ku-072 807 4610, uMali Mngwengwe ku-073 250 1026 noma uyena uMncube ku-073 301 2227. -INTATHELI YE-ECHO

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.