Uzosebenza u-Stuart Baxter

2017-05-17 06:01

INHLANGANO engamele ibhola laseMzansi i-South African Football Association (Safa) iphinde yamangaza abalandeli abaningi bebhola kulelizwe ngesikhathi ibuyisa uStuart Baxter ukuthi aqeqeshe iqembu lesizwe futhi.

Noma izimpawu besezisobala ukuthi iSafa izogcina ikhalele kulomqeqeshi njengoba engomunye wezikhokho eziqeqesha e-Africa.

Into ethuse izwe indlela mhlawumbe ekwenzeke ngayo nangesikhathi esithathwe yilenhlangano.

Abadlali abadlala ngaleminyaka nabasengabaqeqeshi emazingeni ahlukene manje, bathi uBaxter akanikwe ithuba.

Umdlali wasemuva owadlalela iJomo Cosmos, Orlando Pirates neBafana Bafana uMark Fish uthi uBaxter ungomunye wabaqeqeshi abayaziyo iSouth Africa futhi uyahlonishwa, akanikwe ithuba asebenze ngokuthula.

“Ungumqeqeshi osezakhele igama la eMzansi nosetshengisile ukuthi uyayazi into ayenzayo.

Akayekwe nje asebenze ngokuthula,”kusho uFish.

OwayenguKaputeni weBafana Bafana neLeeds eNgilandi uLucas “Rhoo”Radebe uthi yena uyacabanga ukuthi uSafa uzame ngayo yonke yonke indlela ukuthola umqeqeshi ofaneleyo nongaqasheka.

“Mhlawumbe abantu bangathi bathathe isikhathi becubungula kodwa okumnandi ukuthi ugcine etholakele ozoqeqesha, akayekweke asebenze umqeqeshi,”kusho uRadebe.

Owake waqeqesha iBafana Bafana isikhathi eside neMamelodi Sundowns uTrott Moloto uthi uSafa kufanelwe unconywe ngokugcina umtholile umqeqeshi ngoba phela kufanelwe kuqalwe manje ukusebenza.

“Akungachithwa isikhathi kushiwo lokhu nalokhu. Umqeqeshi akayekwe enze umsebenzi wakhe ngoba usemkhulu bakwethu,”kusho uMoloto.

Noma kubukeka sengathi isikhathi sesihambile salomqeqeshi, kodwa kuzofanele aqiniseke ukuthi uMzansi uyaya kwi World Cup eRussia ngonyaka ozayo kanye naku Africa Cup of Nations eCameroon ngo 2019.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

SPECIAL REPORT: #GuptaLeaks

2017-06-01 11:58

Inside News24

 
Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

Embracing sustainability in tobacco agriculture

In Sub-Saharan Africa, farming represents a subsistence lifestyle for millions of people. In recent years though, the development of farming into an economic activity has made a real change in how the land is used in providing for the population.

/Africa
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.