Yini eyenze zathatha isicoco seligi izitshudeni?

2017-05-31 06:03

CISHE uMzansi wonkana uzibuza umbuzo owodwa wokuthi yini eyenze iBidvest Wits yaba ngoshampeni kulezinsuku?

Kungabe imisebenzi kamqeqeshi uGavin Hunt obonakala engafuniseli ngokuqeqesha kanye nokudlalela ukunqoba noma ngabe yini? Kungabe yimali eyafakwa ngabaxhasi baka Bidvest ngaleya minyaka mhlazane beze beshintsha igama nalapho kwasuswa khona uWits University bagcina sebebizwa ngeBidvest Wits?

Yingabe yikhwalithi yabadlali ekhankase ngabo noma yindlela nje abaphathi bayo abaphethe ngayo iqembu jikelele ?

Umqeqeshi waleliqembu uHunt uthi okokuqala nje izwe kufanele lazi ukuthi leliqembu kade laqala ukuphupha ngokuwina iligi ngelinye ilanga, base beqala ukusebenza kanzima nawowonke umuntu.

Lomnumzane owaziwa cishe abadlali bonke baseMzansi ukuthi akawumeli ushidi futhi akanaso isikhathi somdlali ongazi ukuthi ufunani empilweni, uthi bekulukhuni kwasetshe kodwa kusetshenziwe.

“Lomsebenzi ogcine ufezekile ngo2017 kade waqala. Phela ukwakha nokusebenza kanzima akwenzeki ngezinyanga ezimbili noma ngonyaka owodwa.

Okokuqala nje kufanele ube nabadlali abafanele ukukudlalela uma ufuna ukunqoba izinto.

Kuningi esakushintsha ekuphatheni nasensimini,” kusho uHunt.

UHunt uthi angabongwa nje njengomqeqeshi kodwa kahle kahle abantu ekufanelwe bathulelwe isigqoko abadlali abadlalele ukufa isizini yonke kanye nabaphathi bekilabhu. “Phela uma zonke izinhlaka zethimu zingahlelekile, yonke into ivele ibhimbe kuwowonke amadiphathimente.

Ngamafuphi ngithi, ukuphila kwekilabhu kanye nokunqoba kwayo kuqala le phezulu ezikhulwini kuze kuyoshaya phansi enkundleni.”

Kanti isikhulu esiphakeme seWits (CEO) uJose’ Ferreira uthi iqembu lonke kufanele libongwe ngoba kusetshenzwe isizini yonke kwaze kwayosa emnyango.

“Ukuwina iligi noma ukuba yiqembu labanqobi kudinga ukusebenza ngokubambisana yonke indawo,” kusho uFerreira.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.