Zikhala ngokugwazisa izaguga

2016-01-27 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Ihholo i-AF Wood Centre lapho izaguga zikhala ngokugwaziswa imali engango-R20 ukuze zizoba sekuqaleni komugqa wokuhola.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Ihholo i-AF Wood Centre lapho izaguga zikhala ngokugwaziswa imali engango-R20 ukuze zizoba sekuqaleni komugqa wokuhola.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ZIKHALA ngokugwaziswa imali engango-R20 izaguga ezihola imali yempesheni ehholo elisedolobheni i-AF Wood elikuBoom ezansi nedolobha.

Ezinye zalezi zaguga ebezidinwe zigane unwabu mayelana nokugwaziswa zikubeka kucace ukuthi abantu abagila lo mkhuba onogada abangaphansi kwenkampani i-Fidelity Security Group ezithi abaye bangenise ngaphakathi labo abasuke begwazile ngemali engango R20. Lokhu sekwenze nalaba abavuka ngovivi ukuthi bangaboni kwenza umehluko ukuvuka kwabo ngoba yize besuke bevukile kodwababa sekugcineni komugqa ngoba bengazange bakhiphe imali yokugwaza.

Okuphinde kwavela ukuthi akubona bodwa onogada abagwazisayo kodwa kuthiwa kuneqembu labesifazane elisiza ukubheka isimo ngaphakathi nalo eselenza ibhizinisi lokugwazisa abantu abathile ukuze bangene ngaphakathi, basheshe bahole futhi babe sekuqaleni.

Omunye wezaguga ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa ongowokuhlala endaweni yase-Elansdkop uthe yena uye aphoqeleke ukuthi aze abuye kuze kube kathathu ukuzohola imali yesondlo sabantwana abayizintandane ( foster children) yabazukulu bakhe abathathu. Uthe ngokujwayelekile ukuhola kuye kube izinsuku ezintathu ngenxa yokuthi umugqa usuke umude kakhulu

“Kuqala besiye sivuke ngovivi futhi lokho bekusisebenzela ngaphambi kokuthi kuze kuqhamuke indlela entsha yokugwazisa. Ngehora lesithathu izintathakusa bengibe sengilana. Bengiba sekuqaleni kwawo umugqa futhi kungekho ukuthi sikhokha imali.

“Kuhambe kwahamaba baqala onogada bavula ibhizinisi lokukhokhisa imali ukuze abantu babe abokuqala emgqeni. Emva kokuba sekuvele ukukhokhiswa ukuvuka ngovivi akubange kusaba nomthelela omuhle.

“Sibuya kuze kube ikathathu manje ngoba thina asinayo imali yokugwaza.”

Esinye isaguga sona esiliqhamukisa e-Edendale sithe naso asihambisani nokuhlukunyenzwa kwabo ngokugwaziswa.

“Uma ungenayo imali noma ungafuni ukugwaza ukhishwa inyumbazane. Lokhu abakwenzayo kungukusihlukumeza. Abanye bethu badala futhi akumele ngabe baphathwa ngale ndlela,” kukhala esinye isaguga.

Okhulumela iSouth African Security Agency (Sassa) uMnu Vusi Mahaye uthe bazokwenza uphenyo mayelana nalezi zinsolo.

Okhulumela inkampani i-Fidelity Security Group uMnu Daniel Moxham uthe bayashaqeka ukuzwa ukuthi kunezinsolo ezifana nalezi ezibhekiswe kubqasebenzi babo.

Uthe isenzo esifana naleso kuyobe kuwukuphula umthetho wale nkampani.

“Esizokwenza ukuthi sizoba nophenyo oluzokwenziwa lapho kuzobhekisiswa mayelana nalei zinsolo. Nakanjani uma kutholakala ukuthi kunabasebenzi abathintekayo labo basebenzi bazothathelwa izinyathelo baphinde futhi babhekane nokuqondiswa kwezigwegwe.

“Inkampani yethu ayivumelani nokuphulwa komthetho yingakho nje sizoqinisekisa ukuthi senza uphenyo olunzulu,” kusho uMJoxham.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.