Ziyakhala iziboshwa ezishiselwe impahla e-Sevontein

2016-10-19 06:00
Uhlu lokudla iziboshwa ebezivumeleke ukuphathelwa izihlobo zazo. PHOTO:supplied

Uhlu lokudla iziboshwa ebezivumeleke ukuphathelwa izihlobo zazo. PHOTO:supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AZENEME iziboshwa zasejele i-Sevontein e-Elandskop ezikhala ngokuthi zishiselwe impahla ebeziyinikwe izihlobo zazo ngeviki eledlule kade kunosuku lwemindeni olwaziwa nge-Family Day ngaphakathi ejele oluhlelwa minyaka yonke.

Ngokusho kwesinye isiboshwa esingaphakathi esilume leliphephandaba indlebe ngaloludaba sithe ngoLwesine noLwesihlanu olwedlule bekunomcimbi wokuba bachithe isikhathi nemindeni yabo ukuze ibone ukuthi izinhlelo zokuhlumeleliswa kwabo izimilo zihamba kanjani.

“Isikhathi esiningi uma kunalomcimbi njengeziboshwa kunohlu lwezimpahla esiyaye sizicele ezihlobeni zethu ngokuvumelana nabaphathi bejele. Lesi isivumelwano esidala esiba naso nejele akuyona into ebiqala ukwenzeka kulonyaka.”

Uthe ngaphandle kohlu lokudla abagunyazwe ukuthi imindeni ingabaphathela kona bayaye bengeze nezinye izinto abazidingayo njengokokugcoba emzimbeni, amashidi kanye nezinto ezisebenza ngogesi njengamaketele nokunye.

“Kulokhu kwenzeke into ebesingayilindele, sithe uma sesibuyela emaselini ethu nezinye zezinto kwafika ojele bazishaqa zonke bahamba bayozishisa. Okusiphatha kabi ukuthi sivumelekile ukuthi sibe nayo lempahla ngakho besingekho isidingo sokuthi ishiswe.”

Uthe ngesikhathi bezama ukulusukumela loludaba bathenjiswe induku kwathiwa abathule.

“Sifuna ukwazi ukuthi bakuthathaphi ukuthi bashise impahla yethu iyintsha. Bekungenani ke basitshele ukuthi ngoba ayivumelekile njengokusho kwabo iyofakwa e-storeroom bese ibuyiselwa emuva uma kufika izihlobo zethu?”

Lomlisa uthe kumanje ezinye iziboshwa zifuna ukuvulela ijele icala lokucekelwa phansi kwempahla yazo.

“Lezi izimpahla ezihlale zingena minyaka yonke nangezimpelasonto uma sivakashelwe izihlobo zethu. Sinelungelo lokuthi zingene ngokufaka isicelo kubaphathi bejele nokuyinto abahlale beyivuma. Sifuna ukwazi ukuthi icekelelwani phansi imali yabantu abasinakekelayo njengoba siboshiwe. Uma ngicela i-ketela ekhaya balilethe kodwa lishiswe ngeke besalithenga nangelinye ilanga,” kusho yena.

Okhulume nentatheli ye-Maritzburg Echo ehhovisi lomphathi wejele e-Sevontein uthe abavumelekile ukuphawula kwabezindaba wabe esecela ukuthi kuthintwe ihhovisi lika-Area Commissioner kube yilona elizophendula imibuzo yephephandaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.