Akasekho emsakazweni wodumo u‘Legend lady’

2015-07-30 06:00
ISITHOmbe: sithunyelwe
U-legend Lady

ISITHOmbe: sithunyelwe U-legend Lady

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OBESAKAZA emsakazweni wentsha iUgu Youth Radio uThabile Msane odume ngelika Legend Lady akasezukuzwakala emoyeni.

UMsane uthe uthanda ukwazisa abalaleli bakhe ukuthi useyekile ukusakaza kulomsakazo emva kokuba emiswe ngokukhulu ukuzuma.

Uthe izizathu azinikiwe ngokumiswa kwakhe azimgculisanga.

“Ngithathe isinqumo sokuthi ngesule emsakazweni iUgu Youth Radio emva kokuthi umphathi siteshi uSiyabonga Mkhungo engitshele ukuthi ake ngihlale ekhaya okwesikhashana,” kusho uMsane.

Lomsakazi wodumo obezwakala njalo ngesonto uthe izizathu zokuthi amiswe ziholele ekutheni abone kungcono avele aqoqe okungokwakhe abambe afika ngayo.

“UMkhungo wangitshela ukuthi inkontileka yami izovuselelwa ngabo Okthoba, waphinda wathi bazongibiza uma bengidinga. Lokho akungithokozisanga,” kusho uMsane.

Ethintwa uSiyabonga Mkhungo wesiteshi uthe akazange axoshwe uMsane kodwa uyena okhethe ukuziyekela.

“Thina la eUgu Youth Radio asiqashi ngokugcwele kepha siqeqesha intsha emsakazweni ukuze iphume isinolwazi ngokusakaza. Kanjalo ke uMsane naye ubesehlale nathi imnyaka emibili kwashaya isikhathi sokuthi senze ushinsho ezinhlweni zethu, yingakho sithe akame kancane, asimxoshanga,” kusho uMkhungo.

UMkhungo uvumile ukuthi bebesazombiza uMsane kepha kwaba uyena othi uyahamba.

ULegend Lady uthe uthanda ukwazisa abalandeli bakhe ukuthi uzobuyela emsakazweni kungekudala kepha angeke kusaba yiUgu Youth Radio.

“Ngikhombise ukuzimisela okukhulu kulomsakazo kodwa-ke ngizoqhubekela phambili nekhono lami. Ngithanda ukuthi abalandeli bami baqhubeke ukungilandela ezinkundleni zokuxhumana (social networks) khona bezoba nolwazi ukuthi kwenzekalani. KuFacebook Thabile Legend Lady Msane kanti ku-Instagram Thabile Majola.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.