Amadoda ayehlulwa abesifazane ezintweni eziningi

2015-08-27 06:01

INDABA yonakala ensimi yase-Eden, ngenkathi uJehova akha indoda ngomfanekiso wakhe yafana naye ncamashi, yamfuza ngokwenza nangokucabanga.

UJehova esakha owesifazane akathandanga ukuphinda iphutha alenzile ngendoda lokuyenza ifane naye imfuze ibe njengaye. Wabe esebona kungcono ayiphungule, ayicuye indoda bese kuthi ngezicubu zayo akhe owesifazane ukuze indoda ikhothame kowesifazane impilo yayo yonke.

Ngiyazi abangcwele bangase balwisane nami ngaloku kuhumushwa kwezwi kodwa ngibona kunjalo.

Angikho-ke eBhayibhelini ngikuleli qhaza abalidlalayo lokuqumba phansi amadoda.

Amadoda angaba yizidlakela, abe namandla okugudluza intaba kodwa amandla owesifazane asengqondweni ayawedlula awendoda kumbe owesilisa.

Uma ubunganaki, kwenziwa yini izingane zamamantombazane zikhulume kuqala, zicathule kuqala kunezabafana?

Amadoda anohlonze aqunjwe phansi yimbokodo, kwakhona enkolweni esuselwe ngemibhalo yeBhayibheli kuyaye kuqhakanjiswe ukuthi owesifazane kumele alandele emanyathelweni endoda uma eyiganile ngoba kukholelwa ukuthi angeke kulunge ukuthi kube yibo abazokwengamela izinto ekhaya.

NangokweziNtu umama ubalwa nezingane zasekhaya abike konke kumnuzane wekhaya okunguye okhipha isinqumo esingujuqu. Abantu besimame banethonya lokunqoba amadoda engxoxweni enokuphikisana.

Uma sebekusophile ukwenza into abayithandayo bayaphumelela, noma kungathiwa indoda iyanqaba basebenzisa wonke amaqhinga kugcine bona. Indoda bayimpintshela ekhoneni, ivuze amathe, bayiphulule ikhanda ikhulume izilimu emva kwaloko ubone umuzi wonke ujika ngenxa yomuntu wesifazane.

Kuningi engiyaye ngikuzwe kuxoxwa ngamadoda ngabantu besifazane, uzwe umuntu ethi mina kwami ngeke umfazi enze ukuthi, mina intombi yami ngeke ikwenze ukuthi, uyothi uyabona ziwadla ebhekile kwakhe…sekwenzenjani?

Umuntu wesifazane unethonya lokwahlula indoda, uma uyindoda engafuni ukwahlulwa unkosikazi wayo kumbe yintombi yayo ugcina ufana nathi nje esizimpohlwa.

Empilweni yami angilithandi ibhulukwe kumuntu wesifazane, kodwa ngisahlulekile ukubakhumula ibhulukwe bonke engike ngazana nabo. Angizifuni izinwele zemifakela kodwa ngisahlulekile ukuyilwa ngempumelelo leyo ndaba.

Iyanginenga eyalolu bhuqu abalugcoba ebusweni, namashiya adwetshiwe kodwa ngisahlulekile ukubayekisa lo mkhuba esebedlule kwezami izandla.

Kuningi ekukhalwa ngakho emhlabeni, ngicabanga ukuthi iqhaza lokubumba isizwe lisezandleni zabantu besifazane abazosehlula ngezinto ezinhle ezakhayo. Abake basehlule ngokuqopha umlando wokungaqomi, baqophe umlando ngokungazali bengaganile, baqophe umlando ngobuntombi-nto, baqophe umlando ngokuzihlonipha nangokuhlonipha, ke baqophe umlando ngokuzithoba, ngokulwela izinto ezakhayo ezizovusa imizi yobaba, siganwe sizishaye isifuba ngabafazi bethu, hhayi salokhu siqedela izichibi ezisale kade kuphuziswa ibandla lidlula ngendlela.

Nanamuhla ngiyakholwa ukuthi ikhambi lokuqeda nya lo mkhuba womahlabadlule njengenaliti emadodeni amaningi lisezandleni zamantombazane. Uma umuntu ekweshela sekwacaca kudala ukuthi kushelwa ngamanga nobuciko bokuphemba uthando, nqaba-ke ntombi ukuholelwa ophathe.

Tshela isesheli sakho uyintombi yakwenu uthi awulifuni hhayi uloku uthi “hhayi kunomuntu engimqomile” ngoba intombi ikhishwa kanjalo esokeni. Nqaba ukuqoma ngenkomo ungashelwanga, shelwa, uqinisekise ukuthi uyamchazela ukuthi umqomelani mhla umqoma ngoba kungenjalo uzofohla isibaya sikayihlo maqede agelekeqeke!

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.