Imithetho kanye nemigomo emihle neqondile

2015-06-11 06:01

ENYE yezindawo enezinselelo ekubeni umzali oqotho ukwazi umehluko phakathi kokuqeqesha nokujezisa. Incazelo ngokujezisa ithi: ukubhekana nenkinga seyenzekile, imiphumela ibekwa abantu abadala, ilawula ingaphandle, kusetshenziswa ubuhlungu noma isihluku ivamise ukusebenzisa amandla .

Kanti incazelo ngokuqeqesha ithi: ukufunda, noma indlela lapho abantu befunda khona ukuthi yini eyamukelekile; indlela esetshenziswayo iyasiza ekwakheni ubuyena obuqotho, hayi ukujezisa nje ngoba wephule umthetho; igqugquzela umuntu ukuba abe isibonelo esihle emphakathini; indlela enezinselelo nenikeza ithuba lokusiza izingane zifunde; isiza izingane ukuba zakhe isimilo esihle futhi zifunde ukuzimela; ziqeqesheke zibe isibonelo esihle.

Enye indlela yokuchaza ukuqeqesha” ukufundisa okulungisayo”

Lezincazelo ziveza ukuthi ukuqeqesha akwenziwa enganeni, kodwa kwenzelwa ingane. Into ebhekwayo ukuthi ngabe inakhono lini ingane, kunokubona ingane njengomuntu oyinkinga.

Bheka ukuthi ingane ingaba yini kusasa kunokubheka lokho ekwenzayo manje.

Ukuqeqesha kuqala ngokuthi ubeneMITHETHO kanye NAMASU AMAHLE, NACACILE.

Ubani obeka imithetho nemiphumela uma imithetho yephuliwe?

Njengabazali kufanele imithetho ibekwe inina, kodwa kunezikhathi lapho kuzofuneka nezingane zibe ingxenye ikakhulu uma iminyaka yazo ivuma. Yonke imithetho kufanele kukhulunywe ngayo futhi icaciswe ezinganeni ukuqinisekisa ukuthi ziyayiqonda.

Imithetho kufanele icace futhi iqonde; kufanele yenze umqondo kulabo abazoyilandela, nakulabo abazoqinisekisa ukuthi iyalandelwa. Kufanele ubeke ngokusobala ukuthi yini eyamukelekile nengamukelekanga, nokuthi uma imithetho yephuliwe kuzobakhona imiphumela kulabo abayephulile ngokweminyaka yabo yobudala.

Sonke siyazi ukuthi ukuqeqesha kuyadingeka, kodwa ubani ekufanele akwenze futhi ngasiphi isikhathi? Umuntu omdala ohlezi nezingane ngesikhathi kwenzeka isigameko noma kwephulwa umthetho kufanelele aqeqeshe ingane. Angeke ulinde omunye umuntu, umlingane wakho, noma

umzali wengane aze abuye emsebenzini ntambama bese aqeqeshe leyongane. Yingakho kubalulekile ukuthi sishiye izingane zethu nabantu esibaziyo futhi esibethembayo. Kubalulekile futhi ukuthi bazi uhlobo lokuqeqesha ekufanele balusebenzise nokuthi balusebenzisela eziphi izizathu.

Ukwazi ukuthi ubani owenzani kungasisiza kakhulu uma sihlela into esifuna ukuyenza. Kuyasiza ekuphenduleni imibuzo efana nale: ingabe kufanele ngithathe isinqumo besengiyasilandela njengamanje? Ingabe kungcono ukuyeka izinto ngalendlela eziyiyo njengamanje? Noma kuzongisiza ukulinda ngithathe isinyathelo uma izingane kukhona ezikwenzayo okungamukelekile? Indlela esiqeqesha ngayo singayifunda ngokuthi sisebenzise into ebizwa ngokuthi isiyingi sokuqeqesha, okuyizigaba ezilula ezinhlanu ezisikhombisa ukuthi yini ekumele siyenze ukuze izingane zethu zithole lokho ezikudingayo.

Ungaphuthwa ushicilelo lwenyanga ezaya lapho sizobe sikhuluma kabanzi ngezigaba ezinhlanu zokuqeqesha ngokupheleleyo. Uma kwenzeka uphuthelwa yilolushicilelo ungaya kulelikheli www.gcf.org.za

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.