Imvelaphi nama siko amaXhosa

2015-10-01 06:00
PHOTO: sourced

Abakhwetha benza usiko lakwaXhosa lokusokwa entabeni.

PHOTO: sourced Abakhwetha benza usiko lakwaXhosa lokusokwa entabeni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISIZWE samaXhosa sihlukene kaningi. Kukhona amaBhaca, amaBomvana, amaMpondo, amaMfengu, amaMpondomise, amaXesibe kanye nabaThembu.

Uhlobo nohlobo lwamaXhosa lunendlela olukhuluma ngayo kanye namasiko ahlukene yize ecishe afane.

AbakwaXhosa baziwa kabanzi ngentsomi (izinganekwane), izibongo (izinkondlo), ezahlukile kunezamaZulu . Umehluko indlela bona abazixoxa ngayo izinganekwane zabo nedlela abenza ngazo izinkodlo zabo, zijwayele ukuba nesigqi.

Izibongo zakwaXhosa zijwayele ukushiwo kubantu abaphezulu abafana namaqhawe abo, osopolitiki kanye namakhosi abo.

Isiko olwaziwa kakhulu lamaxhosa usiko lokusoka, lapho abafana beya entabeni amasonto amasonto ambalwa befundiswa ngendlela yokuziphatha, inhlonipho kanye nobudoda. Abakwetha baphathiswa okwamasosha

Enye yamadoda engumXhosa uLukhona Bango esixoxisane nayo isilandise kanje

“Entabeni sinxiba izindwangu sigcobe umcako sembathe izingubo (amatshali) njengoba kusuke kubanda ngeloxesha,” kusho lendonda esencane.

UBango uthe uma abakwetha sebebuyela ekhaya kuye kwenziwe umgidi lapho kuhlatshwa imvu, imbuzi noma inkomo.

“Ukuxhelwa kwenkomo kuyindlela esikhombisa ngayo ukuba siwufezile umcimbi sabuyela ekhaya sesingamadoda. Indlela ebendiziphatha ngayo ndisayi nkwenkwe kumele itshintshe ukuze namakwenwe abone ubuhle bokuyakolukwa,” kusho uBango.

Abesifazane nabo bayakhuliswa ngendlela yabo. Intonjane intombazane eseyilungele ukuyokhuliswa ibengumfazi. “Intonjane yona intombi esingena esikhathini. Iye ihlaliswe endaweni eseceleni lapho ingabonwa khona, umakhulu wayo uye ayixelele ukubana eyiphi indlela yokuziphatha uma seyingene kwesisigaba. Ekhaya kubo kwentombazane kuyekube nomgidi lapho kusinwa isonto lonke kuxelwe inkomo kodwa yona ayisikwa lutho,” kusho uBango

AmaXhosa ewodwa ahlukile, indlela umBaca agqoka ngayo ayifani neyeMpondo, kepha zonke ziyabonakala njengoba bethanda ukugqoka imibala egqamile ecishe ifane neyamaNdebele.

“AmaXhosa agqoka ubuhlalu aphinde agcobe umcako ebusweni.Ubuhlalu obugqokwa umama nobugqokwa yingane abufani. Buhluka ngemibala nangezinhlobo zabo. Ubuhlalu obumhlophe emaXhoseni bukhombisa ukuhlanzeka.” kusho uBango. “Owesifazane oseshadile naye unendlela angqoba ngayo, futhi nontombazane osezoshada naye ugqoka elakhe iqhiya ngeyakhe indlela. Into eyenza lokhu eyokuba kubonakaile umehluko, futhi kuwusiko lwenhlonipho,” kusho Ubango.

Uthe ezinsukwini zamanje isiko liya lishabalala ngoba abatu sebehlala emadolobheni, kodwa uma uphindela le emuva emakhaya isiko lisekhona

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.