Isimo asikalungi ematekisini

2015-07-23 06:00

ISIMO sithanda ukushuba embonini yamatekisi aseHighflats.

Lokhu kushiwo usihlalo wesifunda uZibele Kheswa eSisonke.

Omatekisi babanga umzila osuka eThekwini uye eHighflats uphinde usuke eHighflats uyothulula eThekwini.

Okuvelile ukuthi osomatekisi baseHighflats kade baqala ukusebenza kulomzila zingekho izinkinga.

UKheswa uthe lengxabano iqale ngesikhathi abeSonke Taxi Association (baseThekwini) befuna ukuzolayisha ngenkani eHighflats okubizwa ngokuthi ukuzogaxa emzileni.

Uthe okwezimvume zokulayisha akwaziwa kahle njengoba kuzovela ezinkulumweni eziqhubekayo phakathi kukangqongqoshe womnyango wezokuthutha uMnu. Willies Mchunu nalaba bamatekisi.

Ngomsombuluko osomatekisi bevimbe endaweni yasePark Rynie okuyilapho amatekisi asuka eHighflats edlula khona uma eya noma esuka eThekwini. Abase Highflats bavimbe wonke amatekisi abethwele abantu base Highflats abedlula lapha.

Ngenhlanhla uKheswa uthe akukabi khona mibiko emibi ethi khona abalimele.

Okhulumela iSouth African National Taxi Council uMnu. Mzelemu uthe lento ifana ncamashi nale ebiyenzeka ePort Shepstone lapho osomatekisi bebebanga imizila.

“Sekunesikhathi ukubhaliswa kwemizila kwaqalwa kwaphela ngezikhathi zabo 1996. Laba abathintekayo base Highflats bathi akunabulungiswa ukuthi kubenabantu abazoqhamuka bathi bazosebenza emzileni wabanye. Umthetho ngalokhu okwenzekayo awuphumeli obala, yingakho nje kuba khona lezingxabano,” kusho uMzelemu.

Uthe uma umthetho ungangeneleli izinxabano ngeke ziphele.

Amaphoyisa nawo athe akukabi khona bantu abalimele nababoshiwe.

Izinxoxo phakathi kosomatekisi nabomnyango ziyaqhubeka

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.