Izimbizo zikaMeya zika-2015 Imeya kaMasipala Umzumbe uBaba uCllr S.T Gumede

2015-10-22 06:00

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGOKULAWULWA yisigaba 4 somthetho wokusebenza koMasipala (Municipal Systems Act), ngimeme wonke amalunga omphakathi ngaphansi kukamasipala waseMzumbe ukuba abe ingxenye yezimbizo zikaMeya waseMzumbe, lapho sethula khona umbiko ngezinhlelo zentuthuko ngaphansi kukamasipala wethu.

Lezi zimbizo zisinikeza ithuba lokuthi sixoxisane nomphakathi ngezinto esizenzile. Lezo zinto izinto ababezicelile kuma IDP Roadshows. Ukukha phezulu ezintweni esikhuluma ngazo ukukhuluma ngebanga eselihanjiwe ukufaka ugesi endaweni ezifana nakwaMgayi, naseNkehlamandla. Okunye esikubalulile ukuthi lapho ungakakhanyi khona ugesi sisalinde uEskom ukuthi usixhumele amandla okukhanyisa ukuze kukhanye. Uma ngibheka indawo yakwaMgayi izoba indawo enogesi yonke maduze nje. Uhlelo lokwakhiwa kwezindlu esisebenzisana kahle kakhulu nomnyango wokuhlaliswa kwabantu luqhubeka kahle kakhulu. Kumanje kwa Ward 4 eNdwebu kuyaqhubeka ukwakhiwa kwezindlu.

Asimile simatasa sakha imigwaqo enamabhuloho eminye siyayilungisa ukuze ingalimali kakhulu. Wonke amawadi ethu anomgwaqo omusha noma owakhiwayo. Lapho ngingabala i-Khathi Access Road kwa-Ward 14, Manonka Access Road kwaWard 5, Mahwaqa Access Road kwaWard 16, Masenti Access Road kwa-Ward 9, Isivivane Access Road kwa-Ward 8,Msontini Access Road kwa-Ward 7 neminye imigwaqo eminingi edle izigidi ezingaphezu kwezingamashumi amahlanu (R50 million). Sikhulumile ngezinhlelo ezilwisana nobubha lapho sinikezele khona imindeni eswele ukudla, izimbewu, izinto zokusebenza emasimini kanye nomfaniswano wesikole.

Sibikile nangokulungiswa kwamahholo omphakathi ayishumi sawenza aba sesimweni esihle kakhulu okubalwa Isibanini, Ward 17 MPCC, Mnafu kwa-Ward 19, Ndumakude kwa-Ward 13, Nogoduka kwa-Ward 9, Bhanoyi kwa-Ward 7, kwa-Ward 8, MPCC Skills Centre kwa-Ward 15, St Faiths Community Hall kwa-Ward 06, Mehlomnyama kwa-Ward 5 namanye.

Sanikezela iGel yokwenza umlilo wokupheka kubantu abangama-206 kanye nogesi wamahhala kubantu abayizi- 4000. Abasebenzi bakwa CWP bayi-1500 kuma ward ayi-12. Ayisithupha ama NGOs esiwasize ngokuqeqeshwa nangezinto zokusebenza nokuqeqeshwa ezinhlelweni ezithile nokubhala imibiko nokuphatha. Kulama NGOs kubalwa iEmaBheleni HIV and Aids Project, KwaDweshula Drop In Centre, Fisokuhle HIV and Project, St Nivards HIV and Aids Project, Vusimpilo Projects, Ekubusisweni Child Welfare.

Umnyango wethu wezezinhlekelele uyakhula kakhulu. Umnyango wezezinhlekelele ukwazile ukuhlangabezana nezidingo zonke obukade ubhekene nazo kulonyaka. Lokusebenza kahle kwalomnyango uyakuveza ukuthi uzokhula uze uzimele njengomnyango omukhulu. Ezinye zezinto ozenzile lomnyango ukwakha uhlaka lokusebenza kangcono. Ukwethula umnyango wezokucishwa komlilo elinye lamagxathu abanzi athathwe iwona lo mnyango. Sesiqedile ukuqeqesha wonke ama ward committes kuwowonke ama modules. Loku kunikeze ama ward committees amakhono engeziwe ekwenzeni umsebenzi wawo.

Izinhlelo zokuthuthukisa intsha zenzekile njengokucela kwanantu njengoba sibambe imikhankaso ekubalwa kuyo Youth in Business Fair yabanjwa eMpumuza Hall,Business Indaba eyayicwija osomabhizinisi yabanjwa eMargate Hotel,Turton Beach Games, Youth Day Celebration eyabanjelwa eMabuthela Sports Ground neminye imicimbi yabantu abasha. Kulonyaka sikhokhele abantu abasha abangu 124 imali yokubhalisa eYunivesithi.

Sinxusile umphakathi ukuthi ulindele izinguquko kwimingcele yamawadi nokushintsha kwamawadi okubizwa nge dermacation. Sivale ngokunxusa ukuthi wonke umuntu ohlala eMzumbe akabhalisele ukuvota avote okhethweni kunyaka ozayo.

Uhlelo lokwakhiwa kwezindlu esisebenzisana kahle kakhulu nomnyango wokuhlaliswa kwabantu luqhubeka kahle kakhulu. Kumanje kwa Ward 4 eNdwebu kuyaqhubeka ukwakhiwa kwezindlu

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.