“Kulula ukwakha ubudlelwane obuqinile nezingane kunokulungisa umuntu omdala olimele”

2015-04-30 14:53

Lamazwi acashunwa uFredrick Douglass ngowe-1855

UKUZIPHATHA okungemukelekile kungabonakala njengendlela izingane eziba yiyo uma kukhona okwenzekile, kodwa ngokuba sibe phambili singonga isikhathi esiningi namandla ethu ngokuthi singenelele ngokushesha uma sibona ushintsho noma izinkinga ekuziphatheni kwazo.

Ingane ungayifanisa nengadi yakho. Uma ukhula luyekwa ludla wonke umsoco wezimbali noma imifino. Kunjalo nesezinganeni zethu. Uma singaziqeqeshi ngendlela konke okuhle kuzona kuyaphela. Uma izitshalo zethu singazifaki izichumisi, ngeke zikhule kahle futhi izimbali kanye nemifino ngeke zichume. Izingane zidinga ukudla okunempilo ukuze zikhule kahle ngokomzimba. Uma izitshalo zingachelelwa ziyabuna futhi zife. Uma singathathi isikhathi sixoxe, sidlale sibuye sange izingane zethu nazo ziyafa ngokomoya. Ngakho ke sidinga isikhathi sokukhulisa izingane zethu njengoba sidinga isikhathi sokukhulisa, sichelele, sihlakulele sibuye sondle izingadi zethu. Isikhathi yisona sipho esikhulu esingasinika izingane zethu.

Ukuqonda ukuziphatha okunenselelo okuvezwa izingane zethu kungahamba umgama omude ekusisizeni sikwazi ukubhekana nakho. Njengokhula, sidinga ukubhekana nokuziphatha okunenselelelo kusukela ezingcanjini zakho sikususe, uma singenzi kanjalo kuyobuya kuvele futhi lokho kuziphatha.

Ukuziphatha okunenselelo kwengane kungasukela emuzwemi noma ekukholelweni okuthize, okufana nentukuthelo okanye ubuhlungu obusuka ezinhliziyweni zazo. Kufanele sithole imbangela yokuthi ingane ibe nentukuthelo noma ubuhlungu ukuze sikwazi ukuyisiza, ngaphandle kwalokho ngeke sikwazi ukuyisiza ingane ishinshe ukuziphatha kwayo.

Ngemuva kwakho konke ukuziphatha kunesidingo, uma lesisidingo singafezwanga, ukuziphatha okungamukelekile ngeke kuphele. Izingane nabasha bethu zifuna ukwamukelwa futhi zizizwe zamukelekile, noma ngabe lokho kusho ukuthi azenze izinto ezingamukelekanga ukuze zinakwe. Iqhaza lakho ukuthi ungabehluleli, kodwa basize bathole ukuthi yini le ebenza bazizwe ngaleyondlela bese uyabasiza futhi bathole indlela engcono neyamukelekile yokuveza imizwa kanye nezidingo zabo.

Uma izingane zakho zizizwa zamukelekile futhi zithandwa, ngeke ziziphathe ngendlela engamukelekile ukuze zifezekiswe izidingo zazo.

Kufanele ulungise ukuziphatha okungamukelekile ngokuthi ukwazi ukubona ukuziphatha okuyinkinga bese uyazifundisa ngakho izingane zakho, ngaleyondlela zizokwazi ukusebenzisa izindlela ezinsha nezamukelekile zokuziphatha ziyeke izindlela ezindala.

Qala ngokuzibheka wena nendawo ezihlala kuyo. Izingane ziyathanda ukulinganisa indlela esiziphethe ngayo thina bazali kanye nabantu abasondelene nazo njengabangani, othisha kanye nezelamani zabo. Shintsha okanye uzisize zizikhiphe ezimweni ezingalungile.

Kufanele sibe phambili ekulawuleni ukuziphatha kwazo ukuze sivikele ukuziphatha okungamukelekile, njenganokuthi izingane zakho ezimbili ziyaphikisana, okungenzeka zigcine sezilwa. Ngenelela ngokushesha uma uzwa impikiswano uzibonise ukuthi zingakuxazulula kanjani ukungaboni ngasolinye ngaphandle kokushayana. Zifundise indlela elungile.

Yiba nohlelo lwansuku zonke, lokho kunciphisa izinqumo ekufanele zizithathele zona nsuku zonke. Ukuba nohlelo oluhlelekile kuyosiza wena kwenze nezingane zakho zizizwe zivikelekile.

Oshicilelweni lwethu olulandelayo sizokhuluma ngezindlela eziyishumi zokulawula indlela yokuziphatha kwezingane ngendlela enozwelo nelungile

Uma kwenzekile waphuthelwa ungafunda kabanzi ku: www.gcf.org.za or www.southcoastfever.co.za

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.