Ubethanda ezobuciko uMqwebu

2015-09-10 06:00
URoland Mqwebu obedume ngoMkhize Emzini Wezinsizwa.

URoland Mqwebu obedume ngoMkhize Emzini Wezinsizwa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Sikhunjulwe ngokuba nekhanda eliqinile, inhliziyo enhle, ukuba nekhono nokuthanda ezobuciko isilomo somlingisi uRoland Mqwebu wodumo lukaMkhize Emzini Wezinsizwa.

Lokhu kuvele enkonzweni yesikhumbuzo yalo mlingisi ebibanjelwe eThe Playhouse eThekwini ngoLwesine ngeledlule

UMqwebu obengomunye wabalingisi abahlonishwayo kuleli ushone ngoLwesihlanu olwedlule Ethekwini Hospital and Heart Centre ngemuva kokuxinwa wukugula kwezinso isikhathi eside.

Bese kunesikhathi engena ephuma esibhedlela kusukela ekuqaleni kwalo nyaka.

UBabsy Silela osebenze kakhulu noMqwebu emidlalweni eyahlukeni okubalwa kuyo uand#034;Deliweand#034; nalowo azakhele udumo kuwona Emzini Wezinsizwa uthe:

and#034;UMkhize ubengawamukeli udoti - nakubaphathi imbala.

Ubesigcina isikhathi futhi engumuntu wabantu.and#034;

Indodana kaMqwebu yNtuthuko uthe: and#034;Silahlekelwe ubaba obenothando futhi enekhono eliyisimanga emsebenzini wakhe. Ukushona kukababa kulimaze kakhulu umama. Angikwazi ukucabanga umama ephila ngaphandle kukababa. Umama nobaba bebengabangani abasondelene kakhulu. Siyohlale simkhumbula njalo.and#034;

Inkonzo yomngcwabo kaMqwebu ibanjelwe eSt Michaels Catholic Church eRed Hill eThekwini ngoMgqibelo ekuseni ngehora lesishiyagalolunye.

UMqwebu wake wasebenza njengentatheli kwiphephabhuku iBona kanti walingisa indawo eqavile kwifilimu iShaka Zulu.

Ushiye umkakhe uPinkie, izingane zakhe uNtuthuko, uManqoba, Slindile no-Andile nabazulu abangu-9.

Phakathi kosaziwayo abebehambele le nkonzo kubalwa uSifiso Ncwane nomkakhe u-Ayanda, Zibokwakhe Phuzekhemisiand#034; Mnyandu, Laurancia Madlala wodumo lweFamily Bonds, UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho uWeziwe Thusi nabanye. -News24.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.