Uphakathi unikwe ithuba lokuphawula ngemingcele

2015-05-21 06:00
PHOTO: precious gumede

x

PHOTO: precious gumede x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBHODI lokuklanywa kwemingcele yezigceme komasipala (Municipal Demarcation Board) ihambele imiphakathi engaphansi komasipala iHibiscus Coast Municipality osuhlangene nomasipala waseZinqoleni emhlanganweni wokuchaza kabanzi nkokucazwa kwezigceme njengoba sekuzoyiwa okhethweni lwamakhansela ngonyaka ozayo.

Lomhlangano ububanjwe eholo iCivic Centre ePort Shepstone ngoLwesihlanu emini.

Isibalo sabantu abahambele lomhlangano besingesikukhulu njengokulindelekile njengoba bekumenywe imiphakathi womasipala ababili.

Kuyasolakala ukuthi abantu abaningi bebengazi ngalomhlangano othintha wonke umuntu ngengoba bekuchazwa ngokwahlukaniswa kwezindawo abahlala kuzona.

Amakhansela namakhosi aseHibiscus abekhona kulomhlangano ukuzozizwela ukuthi wona athinteka kanjani.

Okhulumele ibhodi uNkk. Mpumi Mpofu uchazele izihambeli zomhlangano inhloso yomhlangano.

“Izizathu sokuthi size lapha esokuthi sithole imibono yemiphakathi ngokuthi imingcele yezigceme kanye nezindawo zokuvota zimi kanjani. Sifuna uvo lwabantu basho ukuthi bayavumelana yini ngendlela izikhungo zokuvota ezibekiwe izigceme ngezigceme,” kusho uNkk. Mpofu.

Ngengoba lemikhandlu emibili isihlangene ibhodi lenze izibhalo zalo zaphuma nokuthi sekuzoba namakhansela angamashumi ayisikhombisa nanye ezigcemeni ezingamashumi amathathu nesithupha.

Isibalo sabantu ababhalisele ukuvota sona silinganiselwe ku 16 521 kuzona zonke lezigceme.

Ibhodi lichaze lathi lesibalo sisukela kubantu ababhalisela ukuvota mhla kuvotelwa uketho lukahulumeni omkhulu.

elinye lamakhansela angaphansi kwomkhndlu iHibiscus lesigeme 26 uMnu. Phumlani Gumbi likhale ngikuthi bayifaka imibono kanye nezikhalazo ngokusikwa kwemincele kwangaba khona shintsho. Namanje futhi uthi bazophinda baveze imibono.

UMnu. Gumbi uphinde waphakamisa ukuthi ibhodi kumele lihambele imiphakathi ezindaweni zawo lichaze kabanzi ngodaba lwalo ukuze nabanye abangakwazanga ukufika kulomhlangano baveze uvolwabo kanye nemibono yabo.

Umpofu uphendulele ibhodi wathi izicelo azikabhekisiswa.

“Zzikabhekisiswa izicelo kanye nemibona eyafakwa ngonyaka odlule kepha zisaqoqiwe njengoba namanje sizoqoqa ezinye, kuyothi mase sizithole zonke ibhodi lihlale phansi lezi bheke. Uma kutholakala ukuthi kunezindawo noma kune mingcele enezinkinga kube yima kuyiwa kulezondawo ezidinga ukuhanjelwa kuchazwe kutholakale izisombululo.

Omunye wabe bhodi lokuklanywa kwemingcele uMnu. Mthobisi Manzini uchazele umhlangano ukuthi izibalo ziphuma kanjani ngaphambi kokuthi kusikwe imincele.

“Siqala ngokubheka abantu ababhalisela ukuvota, bese sikwazi ukuthola amadistrikti bese siyabona ukuthi yiziphi izifunda okumele zizimele ebese sihlukanisa iziteshi zokuvota isigceme nesigceme ngesibalo sabantu abakuleso sigceme.

abebhodi baphinde bacela umphakathi ukuthi bagwalise amafomu ashoyo ukuthi yikuphi abavumelana nakho namanye ashoyo ukuthi okuphi abaphikisana nakho.

Umbuzo oqhamukile ngezindawo zamakhosi owokuthi kungani indawo yenkosi ihlukaniswe ibe izigceme ezimbili njengoba uma sekudlule ukhetho lokhu kushiya abantu bezigceme ezahlukene endaweni yenkosi eyodwa.

Ibhodi lithe ngebhadi lokho alizukwazi ukukushintsha ngengoba isigceme sihlukaniswa ngokuthi bangaki abantu ababhalisele ukuvota kuleyondawo.

Okunye okuphawuliwe kulomhlangano kube ukuthi inani labantu abavotayo liyangokwehla minyaka yonke. Isizathu salokhu asaziwa

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.