Uya phesheya owakhula kanzima

2015-06-11 06:00
UBhishibhi Sithole owakhula kanzima uya phesheya kwezilwandle.
 Photo: supplied

UBhishibhi Sithole owakhula kanzima uya phesheya kwezilwandle. Photo: supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AKUSHO lutho ukuthi impilo uyiqale kanjani, okubalulekile ukuthi wenzeni ngayo. Mina Thulani Blessing Sithole ngakhula kanzima ngoba kwathi ngisakhasa wahamba umama ekhaya wangishiya ngenxa yesimo sokungezwani nobaba. Kuthe ngisabheke lokho washona nobaba ngineminyaka ela ko-10. Ngayeka ukufunda ngelusa izinkomo ngo-1967.

Ngonyaka ka-1972 ngakhetha ukubuyela esikoleni ngisizwa imali yokubamba amatoho, ngaphinde ngalekelelwa nawuthishanhloko wesikole engingifunda kuso Ethejane C.P. School. Ngaqhubeka njalo nesikole ngaze ngayofunda e-high school e-Mbumbulu e-Sibusisiwe High. Ngaphumelela ibanga leshumi ngo-1980.

Othisha bakulesisikole bangitholela umfundaze engaya ngawo ekolishi Lezemfundo eManzimtoti. Emva kweminyaka emibili ngathola isitifiketi sobuthisha. Ngo-1983 ngaqala ukufundisa e-Luthuli High eMthwalume.

Ngo-1985 ngemukela u-Jesu njengeNkosi nomsindisi wempilo yami. Ngo-1987 ngashada njengamanje sinabantwana abathathu nomzukulu oyedwa. Ngo-1989 sathola umuzi eGamalakhe, esiwushiye ngo-1996 sesiyohlala e-Sea Park, lapho sisazinze khona kuze kube namuhla.

Angikubalule ukuthi impilo ibinzima yonke leminyaka. Ngo-2001 ngaboshwa kuvuke icala engalenza ngo-1993, ngesikhathi sisagcwele umoya owawuthi uma uthatha into yomlungu ngaphandle kwemvume yakhe awuntshontshi kodwa uya “repossessor.” Ngaphuma ejele ngo 15 October 2002. Ngiyambonga unkulunkulu nangokuboshwa kwami ngoba lapha unkulunkulu wathola ithuba elanele lokungifundisa ngenjongo yokuza kwami emhlabeni, nokuthi kungani, kusukela ebuntwaneni selokhu impilo yabanzima kimina. Yilapha futhi lapho unkulunkulu wangithuma khona ukuba ngibonana nobuholi bomdabu obuholwa uBayede, nobuholi bezenkolo, kanye nobuholi obukhethwe ngabantu, kanjalo nobuholi bamabhizinisi, kanye nobuholi babezindaba, ngibachazele ngesicelo sikaNkulunkulu sokuba kumiswe umbuso wentando yakhe emhlabeni, njengokulandisa kwencwadi ye-Sambulo, incwadi kaDanyeli, kanye nencwadi ka-Isaya. Ngehlulekile yonke leminyaka ukubonana nalobubuholi. Ngomusa kaNkulunkulu u-Bayede sengikwazile ukumbona manje ngomhlaka 24 February 2015, sengiyakholwa ukuthi ngizokwazi ukubonana nalobu obunye ubuholi engingakabuboni. Ezibuhlungu zithi angeke iphele (indlala, isizukulwane esiphambeneyo, izifo nokufa, izimpi nokuchitheka kwegazi, izehlakalo zendalo, iziqalekiso zezizukulwane ngzizukulwane kanjalo nkungavuki kwabafileyo noma sesikhala izinyembezi), uma nje umbuso wentando kaNkulunkulu singakawumisi.

Ezimnandi zithi lomfana owakhula kanzima usathane ethi uyaqeda ngaye, ngo-2003 wagcotshwa waba ngumfundisi, kwathi ngo-2012 waphinda wagcwatshwa waba ubhishobhi, manje uyaphesheya uyomela ibandla lonke lama Afrika, ikakhulukazi iNingizimu Afrika.

Ngenxa yokuthi uyalwazi usizi lwamabandla ethu e-Afrika nosizi lomuntu omnyama ubecela ukuthi abaholi bezenkolo bamphathise konke abafisa ibandla lama-Afrika lapheya ukuba libasize ngakho. Ngiya e-America, futhi ngizovakashela amazwe/amadolobha afana no-Miami, Chicago, Maryland, Washington DC, Florida njalonjalo. Ngihamba inyanga yonke, kusukela ngomhlaka 1 july kuya ku-1 august 2015.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.