Abajabule abahlali kwaMasinenge

2016-05-05 06:00
PHOTO: precious gumede Abahlali bakwaMasinenge abangamalunga kaKhongolose bebhikisha ngoLwesibili ekuseni.

PHOTO: precious gumede Abahlali bakwaMasinenge abangamalunga kaKhongolose bebhikisha ngoLwesibili ekuseni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wakwaMasinenge uthi awujabulile neze ngendlela abaphathi beqembu likaKhongolose libaphethe ngayo. Lomphakathi uthi sebehlukene kabili ngenxa yokuthi kunesigungu sabaphathi esingenzi izinto ngendlela efanele.

Elinye lawo lamaqembu lithi lifuna ukukhipha ikhansela elidala elingumZulu kufakwe elingumXhosa njengoba sekuzovotwa. Okhulumele umphakathi nesikhathi unemashi ekungeneni ngoLwesibili ekuseni uBabalwa Nondula uthe umphakathi awuthokozile.

“Umphakathi uwujabulile ngento eyenziwa yikhansela labo elibaphethe uCllr Sokalezwe Ndovela,” kusho uNondula. Uphakathi ubumi emigwaqeni ekuseni ubhikisha uphethe incwadi yezikhalazo zabo ulindele ukuthi abaholi kanye nomeya weHibiscus Coast Municipality uCllr Nomusa Mqwebu. Akaphumelelanga umeya kepha uthumele umphathi wakhona kamasipala emnyangweni wezemiphakathi uMnz Sibusiso Nzimande ukuba ayozwa lezikhalazo.

UNondula uthe ayiqali ukuhanjiswa lencwadi. “Incwadi yezikhalazo zethu ayiqali ukuhanjiswa kumasipala. Uma esebuzwa uNzimande uthi ayifinyelelanga kuyena.”

Umphakathi wona uthe ikhansela labo elikhona njengamanje uyalithanda futhi umsebenzi walo liwenzile awulifuni lekhansela ekuthiwa lizongena.

Ikhansela lendawo uCllr uNdovela uthe kube nemihlangano lapho yena ekhishelwe ngaphandle kuthiwa akazuba yingxenye yayo ngoba akasekho ezinhlelweni zegatsha. “Okusempeleni umphakathi awuthokozile emva kokuthi kwabizwa umhlangano ngaphambi kwawo kwaba khona umuntu omemezelayo emphakathini ukuthi amaMpondo awahlangane kukhishwe “Izinzule”. Lokho kuwubandlululo,” kusho uNdovela.

Okunye okutholakele kulemashi ukuthi njengoba kuhlakanizwe izigceme zikamasiphala nobukhansela buzoshintsha okuyiyona ingqikithi yombango oqhubekayo. Ukhansela uNdovela uthe yena akabizwanga emhlanganweni ukuba abuzwe ukuba usasifuna yini isikhundla sobukhansela kepha uzwe sekuthiwa akasekho ohlwini lalabo abakhethiwe ukuba sethubeni lokuba ikhansela.

Okhulumela isifunda kuKhongolose uSipho Dlamala kuthiwa ufikile ukuzokhuluma loludaba ingakabi khona imashi kepha naye wahluleka ukuxazulula loludaba. IFever izamile ukuxhumana noDlamalala kepha akatholakalanga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.