Abamatekisi bafuna ukuvula irenke yabo

2016-04-14 06:00
PHOTO: precious gumede Izimoto zeSizanani zimi kuRyder Street, abashayeli namaphoyisa bezama ukuxoxisana ngodaba lokulayisha.

PHOTO: precious gumede Izimoto zeSizanani zimi kuRyder Street, abashayeli namaphoyisa bezama ukuxoxisana ngodaba lokulayisha.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABASHAYELI nabanikazi bezimoto ezithutha umphakathi ama-meter taxi bahlanganele kuRyder Street ngoLwesibili ekuseni ukuzovula isitende sabo okulayisha.

Lenhlangano yosomatekisi isiyilwe kakhulu lendaba yalesi sitende njengoba kusukela eminyakeni edlule besisetshenziswa iSheppy Cabs enye inhlangano yosomatekisi engagunyaziwe.

Umasipala iHibiscus Coast nawo wangenelela kuloludaba wagcina unike iSizanani amaphepha ayigunyazayo ukuthi ilayishe ku-Ryder Street nangaphakathi edolobheni njengoba kuyiyona kuphela inhlangano yezithuthi ezincane esemthetweni.

Okhulumele isizanani uMnu. Snothi Nyathi uthe kade balulinda lolusuku lokuthi bazongena kulesi sitende.

“Sanikwa imvume yokuthi silayishe ku-Ryder Street evela kumasipala mhla zi-14 kuFebuary kulonyaka emva kokuthi siyilwele isikhathi eside,” kusho uNyathi. Uma ebuzwa ukuthi iSheppy Cabs yona kuzokwenzekalani ngayo uthe akazi ngoba vele eziningi izimoto zabo kwaSheppy Cabs azinazo izimvume zokulayisha futhi azithelile.

Bezingabonakali izimoto zeSheppy Cabs ngalolusuku, umgwaqo ubugcwele abomthetho iSAPS neLaw enforcement bezoqapha isimo.

UNyathi uthe umasipala uthi wayikhipa imvume kepha awukaziqedi izinxoxo zokuthi ngempela kuzokwenzakalani.

Uthe bona sebekhathele ukulinda. NangoLwesithathu bazobuya lapha kuRyder Street bayolayisha.

“Umasipala ususitshela ukuthi bazokhipa isinqumo sokugcina mhla zingu 26 kuyona lenyanga. Thina sesifuna ukuqala ukusebenza njengamanje,” kusho uNyathi.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Zandra Wiid uthe abashayeli bama-meter taxi abanikwanga imvume yokuqala umsebenzi kuRyder treet.

“Lokhu okushiwo abaSizanani akulona iqiniso, uMax Mbili oyimenenja kamasipala waseHibiscus ukuphikisile ukuthi bayikhipha imvume. Kusazoba nomhlangano,” kusho uWiid.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.