Abazali baxoshe uthisha esikoleni

2016-08-11 06:00
 Olunye lwezinqwembe ebeziphethwe abazali bekhalaza.

Olunye lwezinqwembe ebeziphethwe abazali bekhalaza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAVALE imigwaqo abazali bezingane zesikole iNositha Primary ezinsukwini ezidlule bethi bakhathele ukuthola imibiko yokungathokozi kwezingane zabo esikoleni.

Mhla zingama-21 kuJuly abazali bahlangana bavimba amasango esikole bethi akaxoshwe lothisha ongowesifazane.

Utshela iphephandaba, umthombo osondelene naloludaba uthe lothisha wasizwa imoto yakhe ukuthi abaleke ngesikhathi abazali betelekela ukungaziphathi kwakhe ngendlela kanye nendelelo okuthiwa unayo. Lomthombo uthe isimo besingesihle neze kwaze kwabizwa nabomthetho ukuze bazoqinisa ezokuphepha.

Lomthombo uthe ngaphambilini lothisha wanikezwa incwadi emtshela ngomhlangano wokuqondiswa kwezigwegwe okuthiwa usazoya kuwona.

“Kwasuka umsindo omkhulu uthisha ethola incwadi, wakhombisa ubuhlaza kanti kuyasolakala ukuba befika esikoleni edle amanzi amponjwana. Kuthiwa okudine kakhulu umphakathi ukuthi uthisha uye wafuna ukulwisana nalabo abammangalele,” kusho umthombo.

Iphephandaba lixhumene noMnu. Ronald Wood womnyango. UMnu. Wood uthe angeke aphawule kakhulu ngaloludaba kepha uyazi ngalo kanti umnyango uzokwenza konke okusemadleni ukuthi uqinisekise ukuluthathela phezulu .

“Loludaba siluthathele phezulu kanti izinyathelo zizothathwa. Ukufunda kuyaqhubeka esikoleni,” kusho uWood.

Uthe umnyango ubize umhlangano lapho abaphathi bezothatha isinqumo ngekusasa lalothisha esikoleni.

Okhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi naye uthintiwe ngaloludaba kepha ukuphawula akutholakalanga.

Uthisha yena okukhulunwa ngaye uNkz. Zibusiso Cele uthe lesenzo samshaqisa kakhulu.

“Ngelanga kwenzeka konke lokhu ngafika esikoleni njengenjwayelo. Kwathi uma ngifika ngasesangweni ngabona abanye othisha bemi ngaphandle, ngabuza ukuthi kwenzekalani njengoba ngangingazi ukuthi kuqhubekani,” kusho uCele.

Uthe wavula iwindi lemoto yakhe wezwa amazwi abantu bengathi bayatoyitoya.

“Ngabona iqulu labantu lisondela emotweni, ngezwa nokuthi khona into eshaya imoto, ngadumisa imoto kabaleka,” kusho uCele.

Uqhubeke wathi uyasola ukuthi lokhu okwenzeka kwenzeka ngenxa yenxabano aba nayo nothishanhloko wesikole ngolwesibili.

Uphinde wathi akaze abizwele ehhovisi lesikole achazele noma abikelwe ngezikhalazo zabazali ngaye noma ezivela kubafundi nomnyango wezemfundo.

Okunye asolwa ngakho wukuthi uchamela ebhakedeni egumbini lokufundela athumele abafundi ukuba bayochitha umchamo wakhe ngaphandle. UCele ukuvumile ukuthi lokhu kuye kwenzeke kodwa wathi bonke othisha esikoleni bayakwenza.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.