Abeneme abamapulazi ngamahebezi

2016-10-27 06:00
Imayini ye-lithium ibukeka kanje. Isithombe: Sithungathiwe

Imayini ye-lithium ibukeka kanje. Isithombe: Sithungathiwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAMAPULAZI endaweni yakwaMadlala eMagog bathi kunamahebezi okuthi bazosuswa emihlabeni yabo ngenxa yokuthi kunenkampani efuna ukumba emhlabeni wabo.

Loludaba lusematheni kubanikazi bamapulazi bakulendawo.

Omunye wabahlali ongafunanga ukuzidalula igama uthe yena ipulazi lakhe lingamahektha angama-25 ububanzi.

“Uma ngabe bethi bazowuthenga lomhlaba kubanini bawo, bazowuthenga ngamalini? Banawo amamiliyoni noma bafuna ukusigebenga?” kubuza lomnini pulazi.

Kubizwe umhlangano wabanikazi bamapulazi bebizwa Inkosi yesizwe nomkhandlu wesizwe sakwaMadlala emahhovisi akomkhulu ngeSonto.

NgoMsombuluko iFever ixhumane nomthombo walo ngaloludaba ukuthola ukuba uhambe kanjani lomhlangano. Umthombo wazise ukuthi uhlalile umhlangano kepha bekungeko noyedwa ophuma kumasipala noma eMnyangweni wezeziMbiwa njengoba nabo bethinteka kuloludaba.

Uthe abamapulazi abayizwa kahle lendaba yokuvulwa kwemayini endaweni yabo base baphuma nesinqumo sokuthi kuphinde kuhlanganwe ngenyanga ezayo. IFever ixhumane noMnu. Musa Mseleku okunguyena ongumxhumanisi kuloludaba. UMseleku uthe lemayini okukhulunywa ngayo imayini yetshe elibizwa i-lithium.

Uqhubeke wathi lomhlangano obubanjiwe bekungowokuthi wokuthi umphakathi uthole incazelo komkhulu ngalemayini.

“Bekwiyi-consultation meeting lapho abamapulazi benikezwe ithuba lemibuzo ebukhosini ngalemayini. Lokhu kuwumgomo woMnyango wezokuMbiwa naMandla ukuthi uma kukhona okuzokumbiwa endaweni kuqale kukhulunywe nabo bonke abazothinteka,” kusho uMseleku.

Uthe lomhlangano bekungowokuqala, eminye isazolandela. UMseleku uthe uthanda ukugcizelela ukuthi lenkampani ekuthiwa iyamba endaweni ikhona kepha yona imba epulazini lomuntu elincane kanti futhi inawo amaphepha ayigunyazayo

“Abamapulazi kumele behlise imimoya njengoba imihlangano isazoba khona. Lenkampani efuna ukuzomba kulendawo ayikazuqala, kepha yona isafake isicelo sokungena kulezindawo ezingaba ne-lithium. lokhu akusho ukuthi kunabantu abazosuzwa ezindaweni zabo, kuzohlowa ezindaweni eziningi ezahlukene,” kusho uMseleku.

Odabeni lokuthi uMnyango ubungekho, uMseleku uthe emihlanganweni ezayo uma inkampani seyitholile izindawo zokumba kuzobizwa abomnyango, ilabo abathintekayo nobukhosi bendawo ukuze kuzokwenziwa isivumelwano.

UMseleku ugcizelele ukuthi akekho muntu ozosuswa.

AboMnyango weziMbiwa bathe inkampani iSalene Technologies (Pty) Ltd iyinikeziwe imvume yokuhambela lendawo ihlole izindawo ezine-lithium

“Zikhona ezinye izimvume ezikhishiwe khona kulendawo zezinkampani ezimbili Umzumbe Mining Company (Pty) Ltd ezivumayo ukuthi lenkampani imbe i-feldspar kanye nayo i-lithium ore,” kusho okhulumela umnyago uAyanda Shezi.

Uqhubeke wathi i-Mzumbe Mining (Pty) Ltd ne Monumaz (Pty) Ltd basafakile isicelo sokuthi bavuselele ilungelo labo lokumba kule ndawo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.