‘Abesifazane abazibandakanye emathubeni’

2017-09-14 06:00
UNks Smangele Mngomezulu kanye noCllr Nomusa Mqwebu.IZITHOMBE: thami ka-nkosi

UNks Smangele Mngomezulu kanye noCllr Nomusa Mqwebu.IZITHOMBE: thami ka-nkosi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NAKUBA inyanga yabantu besifazane isiphelile kodwa imigubho yabo ihlale njalo izothola isikhathi esithe xaxa. Lawo ngamazwi kaMnu Lwazi Nqetho ongumgqugquzeli weKasi2Kasi ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha usuku lwabantu besifazane kwaJB Sports grounds KwaMadlala ngoLwesine olwedlule.

UNqetho ubekhuluma emcimbini owabe uhlelwe ngumasipala waseRay Nkonyeni, nokuyilapho abantu besifazane bathole ukuthi bakhuthazwe nangemikhakha okumele bangayibukeli phansi ngoba bethi ngeyamadoda.

Uthe alikho iphutha kulokho ngoba phela ibona abayizimbali zomhlaba.

Enkulumweni yakhe uthe okubaluleke kakhulu ngukuthi abantu besifazane bazibandakanye ekutheni baphumele kwamanye amazwe angaphandle ukuze bathole ulwazi nakwabanye ozakwabo.

“Ungazivaleli endlini uma ufuna ukuba nolwazi ngezinto ezithinta impilo kanye namathuba ongakwazi ukuthi uthi uwasebenzise ikakhulukazi uma ungumuntu wesifazane,” kusho yena.

USimangele Mgomezulu ongumsebenzi wasemayini uthe imvamisa ukusebenza ngaphansi komhlaba abantu abaningi okungabesimame bakubukela kude. “Bavele babone kuyinto engenziwa ngamadoda kuphela kanti nathi singabesifazane siyangena ngaphansi siyibambe ishisa,” kusho yena.

Imeya kamasipala waseRay Nkonyeni uCllr Nomusa Mqwebu uthe abantu besifazane kumele bawasebenzise amathuba abawanikezwa nguhulumeni ukuze bazithuthukise.

Uthe sesadlula isikhathi lapho kwakwaziwa khona ukuthi indawo yomfazi isekhishini nasensimini, manje isemahhovisi amakhulu, esikoleni kanye nasemabhizinisini.

Bakhuthazwe ukuthi bathole ulwazi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.