Akusona isiNtu ukucwiywa kwabantu

2017-09-14 06:01
Usihlalo wabelaphi bendabuko uMnu Thulani Zamisa uthi ayikho eyokuthwala ngemizimba yabantuISITHOMBE: thami Nkosi

Usihlalo wabelaphi bendabuko uMnu Thulani Zamisa uthi ayikho eyokuthwala ngemizimba yabantuISITHOMBE: thami Nkosi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NAKUBA ukuthwala kwakuyinto eyabe ikhona kuqala kodwa kwakungabulawa abantu kukhishwe izicubu. Kwakwenziwa isivumelwano nedlozi lalowo ofuna ukuthwala bese kuba khona izivumelwano ezigcinwayo nemikhuba ethize.

Lawo ngamazwi kasihlalo wabelaphi bendabuko oGwini Traditiona Healers Association uMnu Thulani Zamisa ngesikhathi ekhulumisana nephephandaba ngokwanda kokubulawa kwabantu kukhishwe izicubu kanye nalabo abanebala elimhlophe. Uthi akekho umuntu owake waceba ngenxa yesicubu somuntu, kuphela kuceba labo abasuke bebathumile ukuthi benze lobobulwane.

Lezi izigameko esezithanda ukubonakala zanda kakhulu esifundazweni sakwaZulu-Natal kanye nakulesisifunda saseLower South Coast. Kulonyaka uwodwa sekubekhona izigameko ezimbili kulesisifunda zokubulawa kwabantwana abancane bese beyacwiywa izicubu, bese kuthi abasolwa kube ilabo ababizwa ngezinyanga.

Endaweni yaseLiousiana kwaboshwa inyanga mbumbulu ngokutholakala nezicubu yaphinde yaya khokhomba lapho yabulala ingane yayigqiba khona. Kamuva nje sekubulawe izingane ezine zaphinde zalhunsulwa nezindlebe endaweni yaKwaNzimakwe. UZamisa uthi njengabelaphi bendabuko basayina isivumelwano nomnyango wezempilo futhi kunemithetho abasebenzela ngaphansi kwayo.

Uthi lokhu kubulawa kwabantu bese kukhishwa izicubu akuvumelekile sanhlobo futhi akekho olapha ngokwesintu owenza lokhu, ngabathile abasuka kwezinye izizwe abazomosha izwe lakuleli.

“Isikhwama sesiNtu siyafa uma kuke kwasondela umuntu ofile kusona, ngakho awukho umuthi ohlanganiswa nezicubu zabantu lokho ngukukhohlakala nje okuphindiwe kanye nokuba ngonontanda izinto kwabantu bakithi,”kusho uZamisa. Uthi imvamisa kuhlezi kuzobakhona nabokufika abathintekayo kulezizigameko lohko okusho ngokusobala ukuthi imikhuba yabo le.

“Njengoba begcwele kuleli nje bashiye omama, obaba, omkhulu kanye nezingane zabo le emakubo kodwa bafika lapha bazosimoshela isizwe ngokuba kubulawe izingane zethu,” echaza. Uthi laba abenza lokhu akumele nangengozi bamatanyiswe nokwelapha komdabu ngoba ekuthwaseni akukho lapho umuntu efundiswa khona umuthi osegazi lomuntu.

“Okubuhlungu kakhulu ngukuthi kwabelaphi bendabuko bangempela sebegcina bebukwa ngelinye iso ngenxa nje yezikhohlakali ezimosha isizwe. NgoLwesibili nje besinomhlangano nongqongqoshe wezempilo uDr Sibongiseni Dhlomo nalapho sixoxe kabanzi ngalezizigameko,” ecacisa. Uthi kukhona izinhlelo manje zokuba kulwiswane nezinyanga mbumbulu.

Umnyango ngokusebenzisana nabelaphi uzohamba ungena kuzona zonke izigodlo noma izindawo zokwelapha nalapho kuzobhekwa khona ukuthi ngabe umelaphi usemthethweni yini. Kuzophinde kubhekwe ukuba wathwasa kuphi waphothuliswa ngeyiphi inyanga.

Lokho kuyobe sekuholela ekutheni anikezwe imvume yokwelapha kanti lokho uthi sekuqalile kwezinye iziFundazwe UZamisa uphetha ngokuthi amahlathi azogcina esebaphelela labo belaphi abaqola abantu baphinde baholele ekubulaweni kwesizwe esiNsundu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.