Akwande isithembu kunciphe imijendevu

2017-07-20 06:00
UNtombizenele Mtshali uncoma isithembu.

UNtombizenele Mtshali uncoma isithembu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMA kungase kubuyelwe emuva kuvame kabusha umkhuba wokuthatha isithembu, ingancipha imijendevu egcwele izwe kunciphe nemilanjwana ekhulela komalume. Sekukaningana izibalo zikhomba ukuthi sikhulu isibalo sabesifazane abakhona emhlabeni uma kuqhathaniswa nabesilisa.

Lokhu kusho ukuthi uma kungathiwa indoda nendoda ayibe nomfazi ngamunye, baningi abesifazane abangasala bengaganile. Isimo esibuhlungu kakhulu ukuthi basuke besala nje bayalalwa futhi bayazaliswa kodwa bashiywa kunjalo. Ukuba nenhliziyo embi nokungakhuli yikona okuvama ukuvimba abaningi ekuthatheni isithembu.

Uma kungachuma umqondo wokuvusa imindeni, kunakekelwe nangendlela izingane zingashiywa emakhaya nogogo no-anti, singaqala phansi sivuke kabusha isithembu kwakhiwe isizwe.

Abaningi bala isithembu ngoba bebuswa wukuthi lona ozogana kabusha uzama ukuthatha indoda, abanye bathi yisidala futhi angeke bakwazi nokucabanga izinto abenziwa zona yindoda seziphinda zenziwa komunye abamaziyo. Abanye onhliziyombi bancamela ukuthi uma bezwile ukuthi indoda iqonyiwe yamithisa, bathi akulandwe ingane bazoyikhulisa bona kodwa abamfuni nala ehambe khona unina wengane. Owani lo mona wokuthi ufune ukuthi ezakho izingane uzikhulisele wena kuthi omunye wesifazane umphuce ilungelo lokuzikhulisela eyakhe ingane? Umuntu wesifazane upheleliswa ngokubizwa ngendoda ethile. Uma engakabi nendoda, noma ungahamba uphushe izinqa nesifuba, upende umlomo nezinzipho, ushayele ebelethe isondo emhlane, intokozo yakho isuke ingakapheleli.Umuntu wesifazane ongena ndoda usuke engakabi umuntu ngokugcwele.

Yingakho uke uzwe amakhosikazi uma exoxa, uthole umuntu ethi “Ngiyabonga kuShuku ngokungenza umuntu”. Usho kanjena nje yingoba usuke esebonile ukuthi ubengaphelele kwaze kwaba kufika uShuku, wamenza wehluka nakwabanye besifazane.

Maningi amadoda athanda ukuba namakhosikazi angaphezu kweyodwa, nabesifazane nabo bayathanda ukuvusa imizi, babizwe ngamakhosikazi. Abantu abayeke ukuvalelana amathuba, akwehliswe imimoya kuvuswe imizi yabanumzane. Uma uganile usuthola ukuthi indoda iqonyiwe, ingabuswa wukuthi ithole iseqamgwaqo esihambe sichitha imizi. Awusazi isivumelwano sabo ukuthi sithini, awuzazi nezinhloso zabo. Asiyona neze inkinga isithembu, kuphela sidinga bonke abayingxenye yaso baswabuluke. Uma abafazi bengazwani kahle, kubalulekile ukuthi umnikazi waso (isithembu) asikhande. Ngiyafisa kwande isithembu seqiniso kunalesi esiqhutshwa namhlanje sokuba nonkosikazi oyedwa owaziwayo abanye babe abasemahontshi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.