‘Aluhlehli udwendwe umakoti engadukile’

2017-07-27 06:00

UMSUNGULI weMpucuzeko Maskandi Festival uXolani Mcineka uthi konke sekumi ngomumo ngomcimbi oyintandokazi, odume ngele-World Cup kaMaskandi. Lo mcimbi ozobanjelwa ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, ulindwe ngabomvu ngabathandi bakamaskandi KwaZulu-Natal. Okuhle kubathandi balo mcimbi kulo nyaka wukuthi uxhaswe ngabakwa-Prasa ngakho-ke izitimela eziya kule nkundla zizobe zibathutha mahhala abalandeli kuzo zonke izindawo ezakhelene neTheku.

Ngokusho kukaMcineka, lesi ngesinye sezizathu esenza ukuba umcimbi usheshe uphele.

“Umcimbi uzoqala ngo-10:00 ekuseni kanti futhi kunesikhathi esibekelwe sona ukuba uphele ngaso ukuze izitimela zikwazi ukubuyisela abantu emakhaya. Izitimela zokugcina zihamba ngo-21:00 ebusuku,” kusho yena. UMcineka uthi sehle kakhulu isibalo samavukana kulo nyaka ngoba bahlangabezana nenkinga ngonyaka odlule amavukana emaningi kakhulu ukudlula abaculi abathandwayo.

Ekhuluma nabosakazi beSigiya Ngengoma kuKhozi FM ngoMgqibelo, uMcineka uveze ukuthi ngonyaka odlule amavukana kulo mcimbi ayebalelwa ku-70 kanti kulo nyaka aweqile ku-10.

“Kubalulekile ukuthi abantu bazuze ngemali abayikhiphile, ekugcineni le yi-world cup, kanti futhi kuyaziwa ukuthi akusiwona wonke umuntu othola ithuba lokudlala kwi-world cup, ingeyabakhethekile kuphela,” kusho uMcineka. UMcineka ubuye wathi lo mcimbi uzobe uhanjelwe yizikhulu zikaMasipala weTheku nabangabanye babaxhasi balo mcimbi kanye noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi.
- News24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

Makeover saves dog’s life

Lucky Charlie got a complete make-over that helped him get adopted.

 
 

Paws

For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.