ANCYL inikeze abafundi imifundaze

2016-01-28 06:00
Isithombe: precious gumede Abafundi abathole imfundaze bejabulile emahhovisi kaANC ePort Shepstone.

Isithombe: precious gumede Abafundi abathole imfundaze bejabulile emahhovisi kaANC ePort Shepstone.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yentsha kaKhongolose iANC Youth League (ANCYL) yasoGwini inikeze abafundi abayishumi nanye imifundaze yokuqhuba izifundo zabo emanyuvesi. Usihlalo weANCYL uMfanafuthi Ngwabe uthe labafundi bathole lemifundaze ngenxa yokuzimisela kwabo esikoleni bathola imiphumela emihle kumatikuletsheni.

UNgwabe uthe njengenhlangano kubona kubalulekile ukuthi baxhase ezemfundo.

“KuKhongolose siyibeka phambili imfundo njengoba nje sinikezele lemfundaze sikhombisa ukuthi isifiso sabafundi semfundo yamahhala singabayimpumelelo, ngoba imfundo iyilungelo,” kusho Ungwabe.

Uyale abafundi wathi njengoba bethole lemfundaze akusho ukuthi bangcono kunabanye.

“Baningi abafundi abaphasile kepha nina nibe nehlanhla yokuba nithole lemifundaze, ngalokho ngisho ukuthi nilisebenzise kahle nangokuzimisela lelithuba. Nifike ezikoleni nikhumbule ukuthi niphumaphi futhi niyaphi. Siyazi ukuthi kwenzekalani emanyuvesi umuntu abone ukuthi akaqale impilo engafanelekile, nathi siphuma khona. Uma uzimisela ubuya nemiphumela emihle, ukwazi nokuthi uzothuthukisa umphakathi wangakini,” kusho usihlalo.

Imfundaze izokhokhela izindawo zokuhlala zabafundi, ukudla kanye nezincwadi nemali yonke yonyaka yesikole.

Imali yelemifundazwe ibalelwa ku R37 000 kuya kuR50 000 umfundi ngamunye kodwa kuya ngokuthi umfundi uyofundaphi nanokuthi imali azoyidinga ingakanani.

Omunye wabafundi abathole lomfundaze uNondumiso Sibeko uthe ujabule kakhulu ukuba ngomunye wabakethiwe, futhi uthanda ukubonga iqembu elibusayo ngokuzikhathaza ngabafundi.

“Ngizizwa ngijabulile,ngithnda ukubonga kakhulu kwi ANC Youth League yakwi-district yethu ngalokhu esenzele khona,” kusho uNondumiso.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.