Ayivele ivunywe eyomkipito

2017-05-25 06:00
Sibongiseni Shangase

Sibongiseni Shangase

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAZALI abaningi abayifuni noma bayibone indaba yokukipita. Sekukaningi ngizwa bekhala ngokukipita kodwa uma ngithi ngiyabhekisisa ngibabona begqugquzela okunye okubi ukwedlula umkipito.

Vele kade yaphuma emgqeni indlela yokugana nokuganwa sekuhlungwa ngendlela uma kuthuke kwaqondana abantu begcina bewakhile umuzi.

Kodwa yize le ndlela yokuqoma iningi labantu selizenzela umathanda le yomkipito isathathwa njengechilo elidlula wonke.

Into engizibuza yona ukuthi uma intombi iqomile, ikwazi ukuvakashela isoka, ilale nalo… yini pho ingahlali nalo? Ngibuza lokhu nje ngoba amadoda agcina eseyipheka ngomhluzi wenye.

Kuvakashe lo aphume ahambe, kuphinde kufike lo naye alale ahambe. Kuyaba ngelinye ilanga izinduku ziyamdida umviki liphume iqhina embizeni ukuthi iphekwa ngomhluzi wenye, buchitheke bugayiwe.

Uma ngibheka ichilo lomkipito lisuka ekutheni intombi izinikele ukuyohlala nesoka ibe ingakhokhelwe kumbe ingalotsholiwe. Loko kuyihlazo elifana nse nokuvakasha esokeni nifike nenze izinto maqede usule umlomo ugoduke ufike ekhaya bengaboni ukuthi uphumaphi.

Uma uqonyiwe njengomfana kumele wazi ukuthi akubi yichilo lakubo kwentombi kuphela ukuthi wena uyithathe ungayikhokhelanga kodwa kuyichilo nakini mfana ukungena ngesibhobo kubo kwentombi.

Manje yini pho amabandla nabazali bababaze eyokukipita kuphela eyokuqoma nokuvakashela isoka yona ibekwe njengengcono.

Uma vele seniqomene naqala nafohla isibaya somnumzane kungcono hlalani ndawonye, lokho kugwema ukulingwa koyedwa wenu uma engekho omunye. Lokhu kulingwa kuvama ukwehlela iningi labafana abagcina beyipheka ngomhluzi wenye uma sebenelawu kumbe behlala ngabodwana emiqashweni.

Umkipito mubi futhi kufanele engabe uyaqedwa nya, kodwa ngoba vele abantu abaningi bathi bengakipitile kodwa bavakashelane yini pho bangahlaliswa ndawonye?

Imizi eminingi iyawazi amasoka ezintombi zakhona, isoka lifika lime ngenzansi komuzi athi unina wentombi “phuma weZama nangu uSipho esangweni”… kodwa yena lo mama ovula isango ukuthi indodakazi yakhe iphume uye kanye ovuka indlobane uma sekuthiwa leli soka layo selikipite nayo.

Ngezwa kuthiwa kudala kwakuthi uma intombi imithile ingalotsholiwe kusuke uyise wayo “ayoyimela”… ukumela loku kwakungunikezela ngendodakazi mahhala ukuthi ayingaze izalele ekhaya ngoba loko kuyihlazo, ngoba nakhu isize yamitha ayihambe iyozalela emzini.

Udaba lwamalobolo lwalukhulunywa kamuva intombi isingale lapho imithele khona.

Namhlanje iqhutshelwa ukuyobika isisu, ibuye naso, ize ibelethele kubo kwayo, ikhulise ingane noninalume, ize iphinde iqome isoka elisha ihleli ekhaya…ayimithi inani okwesibili?

Uma njengesizwe esinsundu singavuselela usiko lokugana nokuganwa mhlampe sisanganqandeka lesi sihlava semikipito nokuphulana izinhliziyo kokuqoma uqathaze namabhungu ayipheka ngomhluzi wenye.

Umkipito mubi kodwa ungcono kunokudla usule umlomo sengathi awukaze wenze lutho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/Africa
 

Makeover saves dog’s life

Lucky Charlie got a complete make-over that helped him get adopted.

 
 

Paws

For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.