Bambalwa omasipala abathole umbiko ohlanzekile

2017-07-06 06:01

KUBE kuncane kakhulu ukukhushulwa kwamasokisi kwimiphumela yocwaningo lohulumeni basekhaya yonyaka ka-2015/16, nalapho kube nomasipala abambalwa abathole umbiko ohlanzekile.

Lokhu kuvele embikweni woMcwaningimabhuku Jikelele nokhishwe ngoLwesithathu. Lo mbiko ukhombisa imiphumela yocwaningo komasipala abangu-263 kanye nezikhungo ezingu-51 zomasipala. Lo mbiko ukhombisa ukuthi bangu-14 omasipala abalahlekelwe yimibiko ehlanzekile yabo kanti babe ngu-9 nje kuphela abathole imibiko engenachashazi.

Izifundazwe ezinengxenye enkulu yomasipala abathole imibiko ehlanzekile kubalwa kuzo iWestern Cape (80%), iKwaZulu-Natal (18%) kanye neEastern Cape (16%).

IWestern Cape iyikhuphulile imibiko yayo ehlanzekile eyisusa ku-73% onyakeni odlule kuya ku-80%.

IGauteng kube ukuphela kwesifundazwe esithole umbiko onogcobho esitatimendeni sayo sezimali. UMasipala iMidvaal kube ukuphela kukaMasipala ogcine umbiko ohlanzekile.

I-Eastern Cape, iLimpopo kanye neMpumalanga yizifundazwe ezikhombise ukunyusa amasokisi, kanti iNorth West, iNorthern Cape kanye neFree State yizona izifundazwe ezishaye udaka kunazo zonke ngokwemiphumela. Izinhlelo ezintekenteke zokulawula kwangaphakathi zibe nesandla ekungaphathekini kahle kwezimali komasipala.

UMcwaningimabhuku Jikelele uthatha u-65% wesimo sezimali komasipala njengesikhathazayo futhi esidinga ukungenelela okusheshayo. Lokhu kunyukile uma kuqhathaniswa no-60% owaqoshwa ngo-2014/15. Ukusetshenziswa budlabha kwezimali kunyuke ngo-50% kuya ku-R16.81bn, nokuyisibalo esiphezulu kusukela uMcwaningimabhuku aqala ukugcina amarekhodi.

- Finance24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.