Basihlula ngobuntu abokufika

2016-03-10 06:00
Uma abantu bakuleli bengabukela kwabokufika, nathi singaphumelela.

Uma abantu bakuleli bengabukela kwabokufika, nathi singaphumelela.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUKANINGI ngizwa abantu abazibiza ngeminsinsi yokuzimilela eNingizimu Afrika bekhala ngokumpintshwa yile genge evela emazweni angaphandle engabantu abamnyama.
Iningi lethu livama ukubagxeka, libuza ukuthi baxoshwe yini kwelakubo. Namasoka akhala ngokuthi amadoda aqhamuka emazweni angaphandle awadlisela ogageni ngasezintombini, osomabhizinisi bakhala ngokuthi bayabancintela, yisezinkampanini abasebenzi bakhala ngokuthi labantu abayingeni eyokulwela imihlomulo engcono baneliswa ngisho utiki.

Kukona konke okubi okushiwoyo ngalaba bantu kubalwa ubugebengu nezidakamizwa, mina ngifunde okunye okunganakwe muntu ngabo. Labantu esibabiza ngezilwane banobuntu ukwedlula thina.
Into engenza ngisho kanjalo yingoba bayakwazi ukunakekelana bebodwa, bakhule badlondlobale phakathi kwethu silibele ukubabeka izici. Labantu ubafica behlala nga-10 endlini eyodwa, bekhuluma ulimi lwabo.
Noma bengasifunda isiNgisi nesiZulu kodwa basifundela ukusisebenzisa lasidingeka khona kuphela. Uma behleli bodwa bathamunda ulwimi lwabo. Abanye banezingane ezifunda kulo leli lethu kodwa lezingane zilukhuluma njengoba lunjalo ulimi lwazo.

Thina esizibiza ngeminsinsi yokuzimilela kuleli asinamgogodla, sibhozomela konke okungesikona okwethu, okokwembatha, ukudla, ulimi, imizi, nemkhutshana esasilungu yande kakhulu kuthina esizibiza ngemnsinsi yokuzimilela kuleli.
Asinagama naphawu (identity) esibonakala ngalo phakathi kwezinye izizwe kodwa uma ubona legenge evela emazweni angaphandle awubuzi ukuthi lo muntu ungowokufika kuleli ngenxa yendlela abaziphatha ngayo nendlela abagqoka ngayo.

Uma ngibuka indlela ababumbene ngayo bebodwa, ngiyacabanga ukuthi yiyo le eyenza odadewethu bazifele ngale nhlobo yamadoda. Thina silibala inzondo bona amandla abo asekuhlanganyeleni. Thina sigaba ngokuzimela, bona banokuzinikela emsebenzini ngaphandle kokuncika eholweni ngapha sibheka iholo singakaqali nokusebenza.

Angazi ukuthi yini ebakhela isigcwagcwa kithi ngoba abantu engingathi kumele sibaxwaye abelungu amashayina namandiya kodwa yibona esidla nabo ngakhezo lunye, sithathe konke okwenziwa yibona siyeke ukufunda.
Ubuntu abande kula bantu abangabafowethu nodadewetu abaqhamuka enhla ne-Afrika siyekele ukubacokofula ngezinhlamba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.