Bazodonsa udilikajele ababulali

2017-03-16 06:03

ABALISA ababili abagwetshelwe icala lokubulala ngo 2014 kuSeptember bazodonsa udilika jele. Lamadoda badubula babulala owesilisa owayeneminyaka engamashumi amahlanu 50 eSigodini eGamalakhe.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Gerald Mfeka uthe ngelanga lesehlakalo amaphoyisa aseGamalakhe athola umbiko wokuthi kukhona umlisa odutshuliwe endaweni yase Sigodini.

“Ngesikhathi lamaphoyisa efika athola ukuthi lowo owayedutshuliwe usephuthuniswe emtholampilo ngumakhelwane. Emtholampilo kwatholakala ukuthi useshonile,” kusho uMfeka. Uqhubeke wathi umufi waye namanxeba ezinhlamvu amathathu engalweni, emlenzeni nasesinqeni.

“Kusukela ngalowo nyaka icala laphenywa uDetective Sergeant Mlungisi Vincent Jabe okunguyena owathola imininingwane ethe xaxa ngomsolwa uMgciniseni Xovizwe Msomi (46) owaboshwa endaweno yaseKranskop emva konyaka lesehlakalo senzekile ngo November 2015 Umsolwa wesibili uMhlaliseni “Maji’ Gcwabaza (23) waboshwa eSoweto eGoli ngawo uNovember 2015,” kusho uMfeka. Uthe labasolwa bobabili bavele enkantolo yase Ramsgate izikhathi eziningi, kwathi ngo October 2016

icala labo ladluliselwa enkantolo ephakeme yaseThekwini lapho bethole isigwebo sabo.

Umphathi wamaphoyisa uMajor General Agnes Sethenya Nxamagele wasePort Shepstone usamukele lesi sigwebo wahalalisela umseshi wecala ngomsebenzi omuhle awenzile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.