Eyesibonelelo izokhokhwa ngenkontileka entsha noCPS

2017-03-16 06:03

IZINKINGA ezithinta inkontileka ye-Cash Paymaster Services (CPS) sezixazululilwe ngenkontileka entsha ephakathi kwale nkampani kanye no-Sassa, lokhu kushiwo uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngoMsombuluko, eKapa.

“Ngosuku lokuqala ku-Ephreli siqala inkontileka entsha, kodwa nenkampani efanayo,” kusho owakwa-SA Social Security Agency (Sassa), uZodwa Mvulane, esithangamini sabezindaba ebesiseKapa.

“Asidingi ukuya enkantolo ukucela ukulula (inkontileka). Kodwa sizoya enkantolo siyozichaza,” usho kanje.

NgoMashi wangomhlaka-15, iNkantolo yoMthethosisekelo izolalela isicelo seBlack Sash sokuthi inkantolo iphinde iqaphe ngeso lokhozi uhlelo lokuholelwa kwesibonelelo sikahulumeni kanye nokuthi kuvezwe obala imininingwane yesivumelwano esisayiniwe.

Ngonyaka ka-2014, inkantolo yanquma ukuthi inkontileka ye-CPS yayingekho emthethweni yabe isiyalela ukuthi kube nohlelo olusha lokukhishwa kwethenda. Kodwa-ke ngenxa yokuthi ayikho enye inkampani eyatholakala neyayingakhona ukuthi yenze lo msebenzi, isinqumo sokungabi semthethweni kwale nkontileka salengiswa kuze kube umhlaka-31 kuMashi.

UMnyango bekumele ube usunohlelo lwawo lokuholela uma sekufika umhlaka-1 ku-Ephreli, kodwa lokhu akukenzeki, nosekudale ukusabela ngokuthi abantu abangu-17 million bazosithola kanjani isibonelelo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.