Ezomculo noMshedis

2016-10-06 06:00
DJ Mshedis Xolo weRadio Sunny South.

DJ Mshedis Xolo weRadio Sunny South.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ANGIPHINDE nginibingele bafundi kulengosi yezomculo nezingwazi zakhona la eNingizimu Afrika.

Namhlanje ngiphathele ingqalabutho yakhona lapha ekhaya ePort Shepstone. Lowo uMnu. Reggie Msomi ongubaba kaLolo Msomi.

UReggie wazalelwa eFrankland kwaQwabe endaweni ebizwa ngokuthi isebaNgunini ngaphansi kwayo iPort Shepstone. Ukhule njengabafana bonke elusa izinkomo ngaphambi kokuthi aqale isikole. Ngo 1953 uye walibangisela eGoli ngenhloso yokufuna umsebenzi ezimayini zegolide, njengo nesi wesilisa khona belu ezibhedlela zase mayini. Yilapho azithengela isiginci esesebenza.

Ngaawo 1955 uqalile ukusebenza nenkampani enkulu iGallo Afrika njengo mqambi womculo.

Usebenze nosaziwayo abango Mirriam Makeba, Manhattan Brothers, Lemmy ‘Special’ Mabaso, The Sky Larks noSpokes Mashiyane. Ingoma ethi ‘Pata, Pata’ uye uqobo uReggy, wayihlaziya wayinonga. Lapha ngikhuluma ngengoma kaMirriam Makeba ashone eyicula. Ngizama ukusho ukuthi uReggy waba negalelo elikhulu kulengoma.

Ngo1960 waba nothando lokudlala isaxaphone, waqamba nengoma ethi “Dinner Time Twist’. Ngo 1962 wakhethwa njengoculi ovelele kwaGallo Afrika. Ngalowo nyaka wasungula iHollywood Jazz Band. Ngo1965 uhambele amazwe anjengo Rhodesia eseyaziwa ngeZimbabwe naseZambia ehambisana nayo belu iband yakhe iHollywood Jazz Band.

UReggy Msomi ubeneqhaza elikhulu kumdlalo owabhalwa uMnu. Welcome Msomi obizwa ngokuthi Umabatha- ‘Macbeth’. Lomdlalo wabanedumela ngisho nphesheya kwezilwandle. Ukusukela ngawo u1970, uqale ukuzisebenzela emzini wakhe kumanje umatasa elungisa indawo yokuqopha khona kwakhe eMtwetweni.

Bakithi ngithi angisho ukuthi kumnandi ukukhuluma ngomuntu esaphila futhi abongwe ngengaye uBaba uReggie Msomi. Ngimfisela impumelelo uNomndayi aphile njengoba esawadla anhlamvana. Asibonane ngokuzayo bafundi, ningakhohlwa ukulalela njalo ngeSonto ngo 2.30pm kuya ku 4.30pm kuRadio Sunny South uzizwele ubumnandi beJazz.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.