Ibe yimpumelelo ingqungquthela yabantu abasha

2017-04-06 06:02

ABANTU abasha baseMzumbe babambe ingqungquthela yaminyaka yonke yabo lapho bedweba khona umhlahlandlela ozolandelwa ukuthi bathuthuke. Lena bekungeyeshumi nanye ngaphansi kwesihloko esithi “The Year of OR Tambo: Lessons learnt from OR Tambo moving South Africa Forward” lapho bethole ithuba lokudingida izindaba eziphathelene nezempilo, ezomnotho, ezemfundo kanye nezobuholi.

Lezi zingqungquthela zingezinye zemisusa yezinto ezenzelwa abantu abasha kumasipala wethu. Lapho ngizobala ukukhokhelwa izingane imali yokubhalisa ezikhungweni eziphakeme, ukuqashwa kwemenenja yabantu abasha, ukusungulwa kwezinhlaka zabantu abasha emawadini, ukushintshwa kophawu lwaseMzumbe kube ilolu olusha manje, ukuklomeliswa kwabenze kahle kumatikuletsheni nokunye. Izona izinto lezi eziqinisekisa ukuthi abantu abasha bayingxenye kahulumeni wabo.

Lezi zingqungquthela zibanika ithuba lokuthi bazithathele bona izinqumo ngezinto ezithinta bona ngqo. Bazicabangela bona bezenzele bona iziphakamiso kwabakudingayo. Nakuwo lonyaka baqhubekile baphakamisa ukuthi kumele abantu abasha bagxile ekuzigcineni benempilo babambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi bayazivocavoca njalo. Lokhu kuzokwenzeka ngokubambisana noMnyango ezeMidlalo. Abakuphakamisile kwezamaciko bathe bafisa ukubona uchungechunge lwemikhankaso ephakamisa amakhono namaciko.

Loku kuzokwenzeka ngokubambisana nezikole kuwona wonke amawadi. Futhi bafisa ukubona izinhlangano zamaciko ziphakanyiswa futhi kwakhiwa ezintsha ezindaweni zonke. Bayafisa ukubona imincintiswano yezamaciko namakhono ukukhulisa lomkhakha. Bangathanda nokubona kuqeqeshwa labo abasafufusa ukuze bakhule namakhono acwijiwe kahle. Bazofisa futhi ukuthi kube khona uhlelo lokuthola izimali zokukhulisa lomkhakha, ukwakhiwa kwe studio kanye nendawo yokudlala imidlalo yeshashalazi.

Kwezokuphepha bathe bafisa ukubona amaphoyisa engenelela impela ekusungulweni kwalabo abasebenza namaphoyisa emiphakathini, nanokuthi wonke amawadi kumele abe nezinhlaka zomuphakathi ezisebenzisana namaphoyisa, nokuqiniswa kwemikhankaso yokuqwashisa imiphakathi ngobugebengu, ukusungulwa kwesiteshi samaphoyisa esincane ezindaweni ezihlukahlukene ukusondeza amaphoyisa kakhulu ebantwini Kanye nokufakwa kwamalambu asemgaqweni.

Kwezemidlalo bathe bayafisa ukubona ukuthuthukiswa kwezemidlalo, ukusungulwa kososeshini emawadini, ukusungulwa kwemidlalo emisha engadumile okwamanje emiphakathini, ukugqugquzela ukuncintisana kwezemidlalo, ukubuyekeza ezemidlalo yonke emawadini wonke nokuhlela kabusha kwezemidlalo.

Kwezamabhizinisi bathe izingqinamba kubalwa izinhlelo zokutshala ezingaphumeleli, ukungasekeki ngokwezimali, ukungabi nomdlandla kwentsha, ukungaqeqesheki nokungabikho zinhlelo ezibhekene nokubakhona kokubambisana uma kusungulwa amabhizinisi. Babesebephakamisa ukuthi akuqiniswe emkhakhweni wezimboni, umkhakha wezimbiwa ikakhulukazi isihlabathi namatshe, ukuqiniswa komkhakha wezolimo, ukuthuthukiswa kosomabhizinisi abancane kanye nomkhakha wezokuthunga.

Zonke lezi ziphakamiso zizokwenzeka ngokusebenzisana neminyango ehlukahlukene kahulumeni eqondene ngqo nokukhulisa intsha yethu endaweni yase Mzumbe ukuze iphumelele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
Travel Dreams? Where would you rather be right now?

Partnered: Whether you're missing family overseas, dreaming of family adventures or romantic hideaways we all have that one place we'd rather be right now - but have you thought about the best way to get there?

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.