Imithetho yabantu abathandanayo

2016-02-18 06:00

NJENGOBA sisanda kugubha usuku lwezithandani, phecelezi i-Valentines Day, ngithe angiyifakele izibuko ngiyicubungule kanzulu lendaba yothando nokuziphatha kwabantu.

Ngiyazi bakhona abathole izipho ezivela ezinqandamatheni zabo, kanti futhi bakhona nalabo ababanjiswe udonga basala bencela izithupha ngenxa yokuthi izinto azihambanga ngendlela abebelindele ngayo.

Uma nawe ukulelo qembu elisale liphemile, ngithi kuwe nxese, phephisa kobuye kulunge. Esikhathini esinjengalesi kujabula omakhwapheni ngoba basuke bengalindele lutho. Basuke bazi kahle ukuthi lomuntu athandana naye akuyena umuntu wakhe o-“straight”. Engimzwelayo yilo osuke ezitshela ukuthi uwu-“mem” kanti lutho uyazikhohlisa umntanabantu.

Uma uwumakhwapheni osefuna ukunyukela esikhundleni sokuba u-mem, kunezinto okumele uziqikelele. Mhlawumbe kunezinto ozenzayo ezenza amathuba okuthi ube u-mem angabi mahle-hle. Lokhu ngikusho ngoba ngiwumuntu wesilisa futhi kade kwasa ngigudla.

Ukuze ingakuphindi lento ngonyaka ozayo, thatha nazi izeluleko:

Thatha konke ofike nakho uma sewuhamba

Uma ubiziwe, qikelela ukuthi uthatha konke ofike nakho uma usuhamba ngakusasa. Uyadina umuntu othi uma esehamba afune ukushiya isixubho noma ithawula lokugeza. Wazi ngani ukuthi usazobizwa futhi?

Ungayilokothi ifoni okungesiyona eyakho

Lokhu ngikuqondanisa nawo wonke umuntu osebudlelwaneni bezothando. Musa ukucofacofa ifoni yomuntu othandana naye ngoba uzoyithola leyonto oyifunayo. Angisho ukuthi abantu abagcine izimfihlo emafonini abo kodwa uma umuntu othandana naye esekwazi ukuthatha ifoni yakho afunde imiyalezo abheke nokuthi obani abakufonelayo kusho ukuthi ukwethembana akusekho.

Kuyiyiqiniso elimsulwa ukuthi ukufika kwamafoni no-WhatsApp sekubhidlize imishado kwachitha nemizi eminingi. Abantu ungababona bethule nje ku-Facebook kanti akumijolo eqhuma kuma-inbox kuyafiwa.

Noma-ke kungasewona umjolo, zikhona izinto ozozibona efonini yomuntu wanko ongeke uziqonde uzithathe ngenye indlela bese kudaleka izinkinga. Ukugwema konke lokhu, umuntu akanake ifoni yakhe.

Funda ukuzehlisa

Sengiphetha, ngicabanga ukuthi ukuzehlisa nokwazi nokuxolisa uma wenze iphutha yikhona okubaluleke ukwedlula konke esngikubale ngenhla.

Miningi imizi esichithekile ngenxa yokuthi abantu sekuyabehlula ukuxolisa. Uma uthe wabanjwa usephutheni, ayikho enyenza umuntu wakho athambise inhliziyo njengokuzwa amagama athi, “Ngiyaxolisa thambo lami leNandos.” Kwenza umuntu wakho azizwe ethandwa futhi edingeka.

Kukuwena-ke mfundi waleli phephandaba ukuthi uthathe lezi zeluleko ozilethelwa mahhala ubhut’ Vusi. Uma wenza njenjoba ngishilo, kuyohlala kumnandi ngaso sonke isikhathi othandweni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.