Ingosi kwezimculo noMshedis

2016-12-01 06:00
U-DJ Mshedis Xolo weRadio Sunny South.

U-DJ Mshedis Xolo weRadio Sunny South.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ANGINIBINGELELE bafundi baleli phephandaba elihamba phamibili lapha oGwini. Sesiside isikhathi sagcinana nokho-ke sengiphinde ngabuya kule ngosi lapho sicobelelana ngomculo namaciko kwezomculo walapha eNingizimu Afrika.

Okubalulekile kule ngosi yezomculo walapha ekhaya, ukwenza nokukhombisa ibanga nemvelaphi yabaculi balapha ekhaya.

Namuhla nginiphathele uDonald Mahwetsa Laka owaziwa kakhulu ngo Don Laka. UDon wazalwa mhla zingama 15 kuZibandlela (December) ngo1958, ezalelwa ePitoli ngase Mamelodi. Ungowokuqala ezinganeni ezinhlanu. Uthando lomculo lubonakale kuye ngo1969 lapho azibumbela iqembu lakhe lomculo.

Ngo1972 yilapho akwazi ukuqopha okokuqala lamacwecwe akhe ahlangene noRay Phiri. Ngo1976 uDon wayengumdlali wesiginci sebass eqenjini elalidumile ngaleyo minyaka elalaziwa ngokuthi i- ‘The Flood’, lengoma eyaduma nebizwa ngokuthi ‘Let me into your life’

UDon Laka uphokophele phambili ngoba esungule inkampani yokuqopha enoOscar Mdlongwa, lenkampani yaziwa ngokuthi iKalawa Jazzmee Records. Lenkampani ibe nelikhulu isasasa kubantu abamnyama kwezomculo. UDon usebenze nabaculi abafana nabo Sipho “Hotstix” Mabuse, Ray Photo, Brenda Fassie, Mango Groove kanye noJonny Clegg.

Kuhambe kwahamba waphinda waba neqembu elashisa izikhotha elalibizwa ngokuthi i-Ymage, leliqembu lalihlanganise yena uDon Laka ku-piano, Jimmy Mngwandi kwi-bass guitar, Donavan Knox kwi-lead guitar. Wayephinde acule phambili uDonovan kumadrums kukhona uGodfrey Mgcina. Lensizwa sengike ngahlangana nayo seyidlala okhehlegume (percussions) kuHugh Masekela.

UDon Laka ube nelikhulu igalelo kumzabalazo wokulwa nokuthi kudlalwe umculo walapha eNingizimu Afrika ehlangene nezinye izishoshovu emculweni njengo Mzwakhe Mbuli nabanye.

Lokho kube nomthelela wokuthi umphathi wakwa SABC uHlaudi Motsoeneng amemezele kumbe aphasise ukuthi kudlalwe u90%womculo walapha ekhaya emisakazweni.

Hhayi-ke bafundi, yilamaqhawe kwezomculo ebenginphathele wona namuhla asibonane ngokulandelayo, ningakhohlwa ukulalela umculo we-Jazz noMshedis kuRadio Sunny South njalo ngesonto kusukela ngehora lesibili, nisale kahle.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.