Isabelomali sethu sibuyisa ithemba

2017-04-27 06:02

UMTHETHO olawula ukusebenza kohulumeni wasekhaya uyalela ukuthi mina njengoMeya kumele ngethule isabelo mali emkhandlwini. Ukwethulwa kwesabelo mali kufaka phakathi izinto eziningi. Sibhekile ukuthi izidingogqangi zabantu zime kanjani, sabheka nesabelo mali esisithola kuhulumeni omkhulu sabheka nemali esiyithola ngokuqashisa nokudayisa ngesinako thina ngaphakathi njengomasipala.

Isimo somnotho sona asisihle neze. Sicindezelekile kakhulu njengomasipala omncane ongenzi mali. Kodwa noma kunjalo bekumele siqhamuke namacebo okuthi sifinyelela kanjani ezindaweni zonke. Imali esiyethule emkhandlwini ingu R255 294 019, 94. Le mali ifaka phakathi ukwakhiwa kwemigwaqo, nayoyonke ingqalasizinda yethu nokubhekelela ukusebenza komkhandlu konke zonke izinsuku.

Ngesikhathi ngethula lesi sabelo mali ngathi, “Njengoba sethula lesisabelo mali ngisethula sizofakazelwa abantu bakwa Mgayi abajabulela ukufakelwa kukagesi ezindlini zabo, sifakazelwe abantu basendaweni yaseHlokozi ngokubona ukwakhelwa umgwaqo uNtashana Access Road nebhuloho ufakazelwe abantu bakwa bakwaNdelu abamatasa kumanje bakha umgwaqo uMashembeni access road kanye nawo wonke amawadi alindele ngenkulu intshisekelo ukwakhelwa ama Indoor Sports Centres njengoba seyakhiwa kwa Cluster A.

Umgwaqo uNtastshana uzoshintsha izimpilo zabantu baseHlokozi ngokwenza mfishane indlela abayihambayo uma beya eMzinto nakoJolivet. Mhlazana siye okokuqala singuMasipala ukuyobuka indawo lapho kuzokwakhiwa khona umgwaqo sahlangana nogogo owathi kade onjiniyela befika bebuka bahambe ijuba likaNowa. Kwala noma sesimthembisa ukuthi sizowakha lo mgwaqo. Siyethemba ukuthi lo gogo ujabule uma ebona lo mgwaqo.

Okwenze ukuthi lesisabelo mali sibaluleke kithi njengomkhandlu ukuthi singesokuqala esisenzayo njengomkhandlu emva kokufungiswa kwethu njengamakhansela. Siyafisa ukuqhubekela phambili nomlando omuhle kamasipala wethu wemibiko emihle engenagcobho kwezezimali nanokuba umasipala owenza kahle ezingeni lomasipala abancane. Lesisabelo mali sizosilekelela ukuthi siqhubezele phambili izimpilo zabantu futhi sizenze ngcono.

Lo nyaka siwuthatha njengonyaka obaluleke kakhulu ohlonzwe nguHulumeni kazwelonke njengonyaka kaOliver Reginald Tambo. Unyaka okumele siqinisekise ukwenza ngcono izimpilo zabantu njengendlela uBaba uTambo ayefisa ngayo.

Siyanxusa ukuthi imiphakathi yethu isebenzisane nathi ukuqinisekisa ukuthi ukusebenza kwethu kusebenzele bona njengomphakathi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.