Isitolo sezimpahla siphule umthetho

2017-07-13 06:01

UHLAKA olulawula izikweleti kuleli, iNational Credit Regulator (NCR) ngoLwesibili ludlulisele isitolo sezimpahla esidumile kuleli, uFoschini, kwi-National Consumer Tribunal ngokuphula umthethetho iNational Credit Act.

Lokhu kudluliselwa kukaFoschini kulolu hlaka kulandela uphenyo lwe-NCR, oludalule ukuthi uFoschini ubulokhu ukhokhisa amakhasimende awo imali yekilabhu (club fee) uma ngabe benza izivumelwano zokuthatha ngesikweleti.

“Imali yekilabhu ekhokhiswa wuFoschini iyavela ezivumelwaneni zezikweleti zamakhasimende,” i-NCR isho kanjalo esitatimendeni ngoLwesibili. “Ukukhokhiswa kwemali yekilabhu ezivumelwaneni zezikweleti akuvunyelwe [umthetho] iNational Credit Act.

“I-National Credit Act ivumela amakhasimende ukuthi anikwe isitatimende esichaza ngezindleko zesikweleti (quotation) ngaphambi kokuba asayine izivumelwano zesikweleti,” kusho uJacqueline Peters, weNCR. “Amakhasimende kumele acele lesi sitatimende kubahlinzeki bawo bezikweleti ukuze ezokwazi ukubhekisisa izindleko zesikweleti esinikezwelayo.”

Manje iNCR isifuna ukuthi ukuthi iNational Consumer Tribunal iyalele uFoschini ukuthi abuyisele amakhasimende athintekayo le mali owawuwakhokhisa yona.

Ifuna nokuthi uFoschini enze ucwaningo oluzimele ngebhuku lezikweleti lalesi sikhondlakhondla sesitolo ngenhloso yokuthola ukuthi bangaki ngempela abantu okumele babuyiselwe imali yabo.

Ngaphezu kwalokho, iNCR iphinde ifune nokuthi lolu hlaka luvimbele uFoschini ukuthi ukhokhise amakhasimende imali yekilabhu ezivumelwaneni zezikweleti bese luphinda luhlawulisa uFoschini imali efanalekile.

I-NCR yadlulisela uMr Price kulo lolu hlaka ngokuphula umthetho ofanayo ngoJuni. NgoMeyi, lolu hlaka lwalahla ngecala esinye isikhondlakhondla senkampani yezitolo ezithathisa ngezikweleti, u-Edcon, ngodaba olufanayo.

I-NCR ithi izoqhubeka nokwenza uphenyo kuyo yonke le mboni yezikweleti ukuqinisekisa ukuthi iwusiphula nezidindi umkhuba wokukhokhiswa kwamakhasimende izimali ngokungemthetho.

- Finance24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.