Izinsolo zenyoka esontweni ziphikisiwe

2016-07-21 06:00
izithombe: Zithunyelwe Indlu yesonto okukhulunywa ngayo esendaweni yaseJesus, eBhobhoyi.

izithombe: Zithunyelwe Indlu yesonto okukhulunywa ngayo esendaweni yaseJesus, eBhobhoyi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OKHULUMELA ibandla lase Upper Room uthumele isitatimende esiziphikisayo izinsolo eziphume ephephandabeni limbe. UMnu. Siyabonga Ngubo uthe abazalwane bebandla lase Upper Room eliseBhobhoyi endaweni yaseJesus babambe umhlangano ngeSonto mhlaka 17 July ukuzodingida udaba lwenyoka noma lwezinyoka okuthiwa zabonakala endini yesonto. Uthe abazalwane bazichithile lezi zinsolo bathi zingamanga aluhlaza cwe.

Kuthiwa ephephandabeni kwabikwa ukuthi kubonakale inyoka emnyama epulpiti kwathi abazalwane bezama ukuyishaya, yanyamalala. Lezi zinsolo ziphinde zathi umfundisi wabikelwa ngoludaba esehhovisi lakhe khona indlini yesonto, watshela abazalwane ukuthi abangayishayi inyoka, wabasabisa wathi umabekhuluma loludaba kwamanye amalunga uzobayisa kwagoqanyawo.

Ngokubona kwephephandaba nalowo owabika, kwaveza ngosobala ukuthi umfundisi uyayazi inyoka kanti futhi usebenzisa amaphukeshe.

Okhulumele ibandla uMnuz Ngubo olilunga lekomidi lezokuxhumana ebandleni uxoxisane nethatheli ephikisa lemibibiko.

Istatimende sithe umfundisi, nesigungu sebandla kanye nawo wonke amalungu ebandla, aqinisekisa ubuholi kanye nomphakathi waseBhobhoyi kanye ne-South Coast yonke ukuthi inqubo-mgomo yokuziphatha kukamfundisi kanye nezindlela zokukhonza kwalelibandla isekelwe ebhayibhelini futhi ingeyemukelekile ngisho nakusikompilo.

“Ibandla lase Upper Room liyazichitha lezinsolo, liyaqinisekisa ukuthi umholi walo uMfu. Amos Ngcobo akasebenzisi maphukeshe. Konke lokhu kungamanga aluhlaza,” kusho uNgubo.

Uthe kubanjwe umhlangano khona esontweni obuhanjelwe abafundisi bakwamanye amabandla, isigungu sabefundisi sasendaweni yaKwaNdwalane, induna, ikhansela, kanye nabaholi bomphakathi.

UNgubo uthe akukho bazalwane abashiye ibandla nabavevezelayo njengokokubika kwephepha. Isimo ebandleni kuyisimo esejwayelekile sokukhonza.

“Usuku okubikwa ukuthi isigameko senzeka ngalo kwabe kungekho bazalwane esontweni. Ngemuva kokuhlangabezana nezinqinamba ezindaweni zomphakathi ibandla ebelibhabhadisela kuzona phecelezi ama swimming pools, ikomiti lebandla lathatha isinqumo sokuba kwakhiwe i- pool ngaphakathi endlini yesonto, okuzobhabhadiselwa kuyona,” kusho uNgubo. Iphephandaba laveza ukuthi le-pool ivulwa ngumfundisi futhi akuvumelekile ukuthi abantu basondele kuyona.

UNgubo uthe le-pool yavalwa ngenxa yokubhekelela ezokuphepha futhi ihlala ingenawo amanzi.

“Amanzi afakwa uma kuzoba nenkonzo yokubhabhadisa bese aphinde akhishwe uma sekuqediwe ngalona lolosuku,” kusho uNgubo.

“Kwenzeka konke lokhu ibandla liphezu kwamalungiselelo okuqalisa ukwakhiwa kwesakhiwokazi (auditorium) sokukhonzela esimumatha abantu abangaphezu kuka-1 500,” kusho uNgubo.

Uqede inkulumo yakhe ngokuthi abasafuna ukuthola ulwazi ngaloludaba kanye nolwazi ngalelibandla baxhumane nonobhala ku upperroom4afm@gmail.com. noma bashaye ucingo ku 0839981457 noma ku 0833368112.

Ibandla lase Upper Room liyazichitha lezinsolo, liyaqinisekisa ukuthi umholi walo uMfu. Amos Ngcobo akasebenzisi maphukeshe. Konke lokhu
kungamanga aluhlaza

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.