Kawumenywanga umndeni ekhumula inzilo umkaNcwane

2017-03-16 06:02

LUYAQHUBEKA nokugqama uqhekeko nokungezwani phakathi komndeni wakubo kwaSfiso Ncwane nenkosikazi yakhe u-Ayanda.

ILANGA LangeSonto lithole ukuthi ngeSonto eledlule kwenziwe imicimbi ngokwehlukana. Kubikwa ukuthi eGoli, u-Ayanda ukhumule inzilo, kanti futhi khona ngeSonto kubo kwaSfiso eMthwalume kwenziwe inkonzo yenduduzo nokumkhumbula.

Umcimbi wokukhumbula uSfiso wenziwe ngunina uNkz Fikile Ncwane. Imithombo ithi u-Ayanda usenqume ukuyishiya phansi inzilo.

“Usenqume ukuyishiya phansi inzilo ngoba ufuna ukuqhubeka nempilo yakhe. NgeSonto wehlukana nezingubo ezimnyama, usebuyele ezingutsheni zakhe ezijwayelekile. Lokhu kuzomenza ukuthi akwazi ukuqhubeka nemisebenzi yomyeni wakhe. Enze nezinto afisa ukuzenza,” kubeka umthombo.

Umndeni kaSfiso oseMthwalume, uthe kawunalo ulwazi mayelana nokuthi u-Ayanda ukhumula inzilo.

Unina kaSfiso, uNkz Fikile Ncwane uthe: “Hawu, angayikhumula kanjani inzilo engasazisanga futhi nezinyanga ezintathu zingekapheli. Ngiyaqala ukuzwa into efana nalena futhi ngiyamangala ngoba akakawuqedi unyaka. Ngokosiko lalapha ekhaya umuntu oshonelwe yindoda ufaka inzilo unyaka wonke. Kwamina ngisayifakile kodwa ngizoyikhumula uma sekuphele izinyanga ezintathu.”

Udadewabo kaSfiso, uGugu naye uzwakalise ukudumala. “Izenzo zakhe zonke ziyasidida thina. Siyazibuza ukuthi kusewokukholwa yini lokhu akwenzayo noma mhlambe akasiboni isidingo sokwazisa umndeni kaSfiso. Akasitshelanga lutho thina futhi akaxhumani nathi. Okusixakayo wukuthi uzoyikhumula kanjani inzila ngaphandle komndeni kaSfiso.”

UGugu uthe nabo bazokuba benomcimbi wokududuza umndeni namhlanje, (izolo ngeSonto).

“Nathi sinomcimbi wokududuza nokukhumbula uSfiso ngeSonto. Besingamazi (Ayanda) ukuthi naye unomcimbi wokukhumula inzilo. Nathi asimmemanga ngoba akazibambi izingcingo zethu,” kusho uGugu.

UGugu uthi bebefisa ukuthi kubekhona abangani bakaSfiso, abecula nabo. Kodwa uthi abakwazanga ukukuhlela lokho.

Okhulumela iNcwane Communications uThobile Mchunu ukuqinisekisile ukuthi u-Ayanda uyikhumule ngeSonto) emzini wakhe oseGoli inzilo.

“Azikho izimemo ezikhishiwe ngoba vele ngumcimbi wasekhaya lona,” kuqhuba uThobile.

UThobile uthi u-Ayanda ubevele engenzi usiko ngokufaka inzilo.

“Ubehlonipha umkhwenyana wakhe, yingakho manje ebone kukuhle ukuthi ayikhumule khona ezokwazi ukuqhubeka nempilo yakhe. Lokhu kuzomsiza ngoba uzokwazi nokuphumela emnyango abhekane nabalandeli bakhe nabezindaba,” kusho uThobile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

Play with your pet when you're not at home

Many pets are alone at home during the week while their owners are at work. So what do these animals get up to while they’re home alone?

 
 

Paws

How to get rid of fleas
12 Cool cat facts
Chocolate can be fatal for dogs
Spider-man star's adorable relationship with his dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.