Kufunwa onyamalale nengane kamzala

2017-10-12 06:01
ISITHOMBE: Thami ka-nkosiUNtombizodwa Khutyiswayo uthi angajabula uma engaphinda ahlangane nendodana yakhe.

ISITHOMBE: Thami ka-nkosiUNtombizodwa Khutyiswayo uthi angajabula uma engaphinda ahlangane nendodana yakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUPHELE cishe izinsuku eziyi-11 ingatholakali ingane yaseMurchison KwaMbayimbayi okusolakala ukuthi yebiwa ngumzala wendoda zingama-23 kuMandulo (September).

UChristopher Charles Khutyiswayo onezinyanga eziyi-9 wagcina ukubonakala ngoMgqibelo emini ngalolosuku.

Okhulumela umndeni uNombuso Nkonyeni uthi ingane yafika noyise wayo uCharles Nkonyeni ngoLwesihlanu nokwathi emini yangalolosuku kwafika umzala uNqobile “Nqo” Nkonyeni ohlala eGamalakhe. Uthi ngesikhathi efika waba ngumuntu owabe evakashile.

Kuthiwa wacela ukulala nengane endlini engezansi ebusuku nalapho ubaba wengane avele wala waphetha ethi ingane ayikwazi ukulala ngaphandle kukamama wayo ubusuku bonke.

“Ngosuku olulandelayo lwangoMgqibelo wabiza omunye umzala omncane wamtshsela ukuthi ufuna ukuhamba nengane aye kohambisa isikhwama somngane wakhe uzobuya nayo ngakusasa,” kusho uNombuso.

Uqhuba athi abazange bayinake leyonkulumo ngoba babekade bemtshelile ukuthi umama wengane angeke aze avume.

UNombuso uthi wathi esahambile wabuya wafika endlini kuvaliwe kungekho muntu nalapho aqala khona ukufuna ingane noNqo.

“Angizange ngimthole, isikhwama sakhe sabe singekho eshiye izimbadada kanye nebhulukwe. Kwaze kwaba ngukuthi siya emaphoyiseni ukuyovula icala,” kusachaza yena.

Uphinde waveza ukuthi ngesikhathi kufikwa kubo kaNqobile umama wakhe wabatshela ukuthi uvele ungumuntu ongahlali ndawonye.

“Amaphoyisa abe esenza uphenyo nokuyilapho kwatholakala ukuthi umakhalekhukhwini bakaNqobile badonsa eMgungundlovu kodwa kwaba nzima ukuthi kutholakale ukuthi ukuphi nendawo.

Sekuphinde kwavela ukuthi lona wesifazane akaqali ukweba ingane njengalokhu kuthiwa wake wantshontsha enye ingane eThekwini eyabe inyezinyanga ezintathu kodwa wabuye wayiphindisela kungakapheli izinsuku ezimbili. Umama wengane uNtombizodwa Khutyiswayo yena bekunzima nokuba akhulume njengalokhu ubevele abindeke uma intatheli izama ukuxoxisana naye.

Kodwa uthe into engase ayijabulele ukuba aphinde ahlangane nendodana yakhe isaphisaphila. Ube esecela noma ngabe ubani onolwazi ukuba axhumane namaphoyisa. Ngokwesitatimende esikhishwe ngamaphoyisa kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ukuba axhumane noConstable Nurse Ngubane wophiko lwe-FCS enombolweni ethi 039 688 7900 noma 082 334 9682

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.