Kugqugquzelwe umphakathi ngokwekwenza okulungile

2016-04-21 06:00
PHOTO: precious Gumede Behola imashi yokulwa nobugebengu kusukela kwesokunxele imeya ye-HCM uCllr Nomusa Mqwebu, ungqongqoshe uWeziweThusi, kanye noCllr uNtombifikile Gumede imeya ye- Ugu.

PHOTO: precious Gumede Behola imashi yokulwa nobugebengu kusukela kwesokunxele imeya ye-HCM uCllr Nomusa Mqwebu, ungqongqoshe uWeziweThusi, kanye noCllr uNtombifikile Gumede imeya ye- Ugu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi ophinde abambe isihlalo sokuba iqhawe loGu emnyangweni kandunankulu uMama uWeziwe Thusi uhambele umphakathi waseGamalakhe asoGwini eT.B Molefe ezogqugquzela udaba lokubika ubugebengu eminyangweni kahulumeni ikakhulukazi uma kuphathwa udaba lokugwazisa ngezimali ezinsizeni zikahulumeni okungafanele engabe ziyakhokhelwa.

Loluhlelo oluhanjiswa uThusi lubizwa nge “I Do Right Campaign’ ngamafuphi okuqonde ukuthi ‘ngenza okufanele.”

Lomcimbi obumkhulu ngohlobo oluyisimanga uqale ngemashi lapho izimeya, amakhansela namalunga omphakathi bemashe ngezinyawo besuka eZ.G beya ezinkundleni eT.B Molefe becula amaculo omzabalazo. Bebephethe izinqwembe ezinemibhalo eliwisana nobugebengu.

Isikhulumi uAdvocate Simo Chamane­ ongummeli wabantu ehhovisi likaNdunankulu uchazele abomphakathi ukuthi inhloso yalomcimbi yini. UChamane uthe lolu uhlelo lwazwelonke uNdunakulu athe iKwaZulu-Natal nayo kumele iluthathe ilusebenzise emiphakathini ukuze kubuyiswe ukuthembeka.

“Loluhlelo lubhekene nokubuyisa unembeza ebantwini bonke baKwa-Zulu-Natal, abasebenzi bahhulumeni, imphakathi naye wonke umuntu ukuze izimpilo zethu ziqhubeke ngaphandle kobugebengu,” Kusho uChamane.

Uthe umphakathi akumele uvumele abasebenzi bakahulumeni badlale ngawo. Kumele babike yonke inkohlakalo eyenzekayo emahhovisi.

Uphinde wakhipha izinombolo lapho kubikwa khona noma yiluphi uhlobo lobugebengu.

“Kunezinombolo lapho umphakathi ungakwazi ukuthi ubike ukukhohlakala okuqhamuka noma ikuphi emiphakathini yawo ehhovisi lika Ndunankulu.

“Leyo nombolo ithi 080 059 6596 enye inombolo okungabikwa khona ubugebengu okwenzeka Ogwini nakunoma imuphi umasipala ongaphansi kwalo ethi 080 111 1660,” kusho uChamane.

Umphakathi unikezwe ithuba lokuphosa imibuzo kuhulumeni, izikhalazo nezicelo onazo.

Basukumile abantu, abaningi babo bakhala ngentuthuko. Omunye uthe esigodini sangakubo umgwaqo awulungisiwe.

“Kuba nzima noma sigulelwa ukuthi abosizo oluphuthumayo bafinyelele esigulini.

Siyacela ukuthi uhulumeni asibhekelele loludaba,”

Omunye uthe bona emphakathini wabo bakhala ngezikhungo zokuthuthukisa amakhono.

Omeya kanye nonqgonqgoshe bazilalelile baphinde bazibhala izikhalazo zabantu kanti ezinye baziphendula.

Umeya wasoGwini uCllr uNtomfikile Gumede yena usukume nokuthi agqugquzele abazali ukuthi bakhulise izingane zabo ngendlela efanele ngoba umuntu indlela yokuziphatha uyifunda ekhaya.

UGumede uthe ngalokhu uthi uma wonke muntu ephuma ekhaya elifundisekile ubugebengu bungaphela.

Emaphethelweni omcimbi kunandiswe ngomculo wokholo kunandisa owokudabuka khona laOgwini uSifiso Ncwane osukumise ngisho nesinedolo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.