Kuphenywa elokuhlaselwa komndeni

2016-06-30 06:00

UMNDENI kaMnu. Paul Mokhele eGcilima uthi uhlaselwe ngamaphoyisa angazi angachazanga ukuthi aphuma kusiphi isiteshi ngoLwesithathu olwedlule.

Lamaphoyisa kuthiwa afika ethaveni yakwaMokhele atshela wonke umuntu owayephakathi ukuthi akalale phansi ukuze aseshe.

UMokhele uthe lokhu kumthusile lokhu njengoba lamaphoyisa ebengenayo incwadi ewagunyazayo ukuba azosesha kwakhe.

“Lamaphoyisa ayegqoke imifaniswano yawo angithathile athi angiye endlini kwami lapho afike angishaya athi angikhiphe isibhamu. Uma ngiwabuza ukuthi isibhamu esitheni leso, athi isibhamu esingekho emthethweni okuthiwa sikhona layikhaya,” kusho uMokhele.

Uthe ulwazi ngaleso sibhamu akanalo kanti akazi nokuthi lamaphoyisa atshelwe ngubani ngesibhamu okusolakala ukuthi unaso.

Lamaphoyisa uMokhele uthi amyisa egumbini lakhe lokulala lapho afika avusa izingane nonkosikazi wakhe abashaya ethi akukhishwe isibhamu.

UMokhele uthe sisodwa isibhamu lamaphoyisa asifica kwakhe.

“Isibhamu esasikhona endlini isibhamu sami esisemthethweni. Athatha sona athi ayongivulela icala emaphoyiseni aseMargate.”

UMokhele uthe uye”waya kovula icala emaphoyiseni aseMargate. Uma esebuya eMargate ufike wathola ukuthi kulahleke nemali engu R10 000 okwakuyimali yosuku edayisiwe ethaveni eyayisibekiwe endlini kwaphinde kwaduka enye eyayingushintshi ngaphakathi ethaveni.

Uthe okunye lamaphoyisa akwenza ukuphequlula emotweni yakhe ahluntula ngisho isihlalo.

Okhulumela amaphoyisa uKapteni uGerald Mfeka uqinisekile ukuthi kunecala elifana naleli elivulwe eMargate. Uthe esitadimendeni esibhaliwe uMopkhele uthe lamaphoyisa athi aqhamuka eThekwini ohlwini olubizwa nge PRT. UMfeka uthe lamaphoyisa bekungesiwona awaseMargate. “Umseshi wecala usaphenya ukuthi lamaphoiyisa ahlukumeze uMokhele abesukaphi njengoba bekungesiwona awaseMargate kepha elinye lawo lifanisiwe njenge linye elisebenzela ePort Shepstone kanti ovule icala uMokhele uthe elinye belinegama elibhalwe ukuthi Sifiso Dlamini emfanisweni walo.

UMfeka uthe lisaphenywa icala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

8 great natural remedies for your pet

Tips and tricks to cure your pet’s itches and coughs, naturally.

 
 

Paws

Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
11 animals before and after they were adopted from shelters
Competition pet grooming – creative or too extreme?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.