Kuzovuleka amathuba emisebenzi eGamalakhe

2015-11-19 06:00

ISAKHIWO esisha esesiqaliwe eGamalakhe endaweni yaseGaraji lapho kwakuyi renke yamatekisi khona sithembisa amathuba omsebenzi emphakathini. Lesi sakhiwo sakwa Boxer Stores esihlangene noKFC kulindeleke ukuthi sivulwe ngenyanga ezayo.

Intsha yaseGamalakhe isiqalile ukuzilungisela ukufuna imisebenzi njengoba iningi layo lijika nelanga emakhaya njenxa yokushoda kwemisebenzi.

Ikhansela lendawo uNonhlanhla Duma uthe lokhu kuyizindaba ezinhle kakhulu kubahlali ikakhulukazi kuyona intsha. UDuma uthe uzizwa ejabule uma ebona nokuthi imithandazo yakhe iphendulekile.

“Bengithandaza njalo ngithandazela intsha yalapha eGamalakhe ukuba ithole imisebenzi nangempela ukwakhiwa kwalezitolo kwaba yimpendulo,” kusho uDuma.

Uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi abaqashi basezitolo bathe bazoqasha intsha engasebenzi futhi engakaze isibenze.

“Bathe inani labantu abahambise izicelo zabo liningi kodwa bazonikekza labo abangenayo imisebenzi ithuba, futhi kuzoqashwa umuntu waseGamalakhe kuphela,” kusho uDuma.

Izicelo zomsebenzi zigciniwe ukuthathwa kulempelasonto edlule kodwa ikhansela lithe linethemba elikhulu ukuthi baningi abazohlomula.

“UKFC wona ujahe kahulu ukuvula kanti nesakhiwo sawo sisemaphethelweni sinethemba ukuthi wona uzovula kuqala,” kusho uDuma.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.